
IZITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE
UGQUGQUZELE intsha ukuziphilisa ngokusukumela phezulu uma kuvuleka amathuba emisebenzi yezandla uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZu-lu-Natal, uMfu uThulasizwe Buthelezi.
Ukusho lokhu ethula ngokusemthethweni iMavavela Projects neHeineken Beverages okuyinkampani eyamukela imfucuza yamabhodlela, iwagaye kabusha eThekwini. Le nkampani ivule izandla ngokuvulela inqwaba yamathuba emisebenzi kwabafuna ukuletha amabhodlela.
UButhelezi uthi abantu kakufanele baziyekelele uma kukhona amathuba okuqoqa imfucuza, ngoba kuzobahlomulisa.
“Siyakukhuthaza ukuthi abantu bakithi bangazibambezeli, basondele kulo msebenzi ovulwe kwiMavavela ngoba bazobuyela emakhaya nemali abayitholile ngokuqoqa imfucuza. Isaka nesaka lemfucuza likhokha itshe lemali. Ngakho-ke sesiphelile isikhathi sokuthi abantu bagoqe izandla, balindele amathuba emisebenzi.
“Lokhu okwenzeka eMavavela Centre, kungenye yezindlela zokunikeza abantu amathuba okuziphilisa. Imfucuza igcwele izwe lonke, okusho ukuthi baningi abantu abazophila kangcono uma besondela kulo msebenzi owenziwa lapha,” kusho uButhelezi.
Uthi umnyango wakhe uya-weseka umsebenzi owenziwa kule nkampani ngoba uzosiza abantu.
“Kubalulekile ukuba uhulumeni ubambisane nezimboni ezizimele uma kuwukuthi (lezo zimboni) zenza ushintsho oluhle esilufunayo, lokwenza kangcono impilo yabantu aba-xakekile ngokwamathuba emisebenzi,” esho.
Uthi lo msebenzi uzothuthukisa kakhulu nezomnotho kubantu. Isikhulu esiphezulu seMavavela Projects, uMnu Lindizwe Ngidi, sithe okwamanje sinezisebenzi eziwu-20 eziqashwe ngokugcwele kule nkampani. Sithi ziningi izinkampani ezisesekile ngoxhaso lwemishini yokugaya imfucuza. Sithi sekunesikhathi eside siwenza lo msebenzi.
“UMasipala weTheku ungeseke kakhulu ngesikhathi ngiwuqala umsebenzi, kwaze kwaba sisebenzisana nabakwaHeineken. Ngiyabonga ukuthi umnyango wakwaCogta usondele ukuzosikhuthaza ngoba imfucuza kayidingakali ukuba ihlale emphakathini,” kusho uNgidi.







