Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iyenyuka intengo kagesi mhla ka-1 kuMbasa

Iyenyuka intengo kagesi mhla ka-1 kuMbasa

by | 22 March 2025

ZIZOKWENYUKA izindleko kubathengi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba kwenyuka intengo kagesi ngoLwesibili mhla ka-1 ku-Aphreli. Lolu guquko kwintengo kagesi luzothinta labo bathengi abaphakelwa yi-Eskom ngqo ugesi.

Lolu guquko lulandela isinqumo seNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), sokugunyaza i-Eskom ukuba yenyuse intengo ngo-12.7% kulo nyaka. Nakuba i-Eskom igcine igunyazwa ukuba yenyuse ngo-12.7%, kodwa yona yayifake isicelo sokwenyusa intengo ngo-36%.

Leso sicelo se-Eskom saqubula ukukhala okukhulu emphakathini, yagxekwa ngokuthi ayibacabangeli abantu le nkampani, ekubeni bevele bexakekile ngenxa yezindleko eziphezulu zokuphila, nesimo somnotho ondodayo.

INersa yaba nemihlangano nemiphakathi ezifundazweni ezehlukene ezweni, lapho imiphakathi yanikwa ithuba lokuba iphawule ngalesi sicelo se-Eskom. Cishe bonke abantu ababamba iqhaza kule mihlangano yomphakathi, bakuphikisa ukuba i-Eskom inikezwe igunya lokwenyusa intengo ngaleli nani eyayilifuna.

Ekugcineni iNersa yathatha lesi sinqumo sokuthi intengo yenyuswe ngo 12.7%.

Ngasohlangothini lwabathengi abahlala ezindaweni ezisemadolobheni nasemalokishini, abawuphakelwa womasipala ugesi, kubona intengo yawo izokwenyuka ekuqaleni kukaNtulikazi (July).

INersa yagunyaza omasipala ukuthi eyabo intengo kagesi bayenyuse okungenani ngo-11.32%. Njengoba iNersa yagunyaza ukuba i-Eskom yenyuse intengo ngo-12.74% ngo-2025, yaphinde yagunyaza ukuba
ngo-2026 intengo yenyuswe ngo-5.36%, bese kuthi ngo-2017 yenyuke ngo 6.19%.

NgoLwesithathu kuleli sonto, i-Eskom iqinisekisile ukuthi ngomhla ka-1 Aphreli, iyaqala ukusebenza intengo entsha.

UMnu Monde Bala, oyiGroup Executive for Distribution e-Eskom, unxuse abathengi ukuba bathenge amakhadi kagesi ezindaweni ezigunyaziwe ukuwadayisa. Ugqugquzele labo bathengi abaxakekile, abadinga ukubonelelwa kwintengo kagesi, ukuba babhalisele uhlelo lwalesi sibonelelo esibizwa ngeFree Basic Electricity (FBE).

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...