Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iyenyuka intengo kagesi mhla ka-1 kuMbasa

Iyenyuka intengo kagesi mhla ka-1 kuMbasa

by | 22 March 2025

ZIZOKWENYUKA izindleko kubathengi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba kwenyuka intengo kagesi ngoLwesibili mhla ka-1 ku-Aphreli. Lolu guquko kwintengo kagesi luzothinta labo bathengi abaphakelwa yi-Eskom ngqo ugesi.

Lolu guquko lulandela isinqumo seNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), sokugunyaza i-Eskom ukuba yenyuse intengo ngo-12.7% kulo nyaka. Nakuba i-Eskom igcine igunyazwa ukuba yenyuse ngo-12.7%, kodwa yona yayifake isicelo sokwenyusa intengo ngo-36%.

Leso sicelo se-Eskom saqubula ukukhala okukhulu emphakathini, yagxekwa ngokuthi ayibacabangeli abantu le nkampani, ekubeni bevele bexakekile ngenxa yezindleko eziphezulu zokuphila, nesimo somnotho ondodayo.

INersa yaba nemihlangano nemiphakathi ezifundazweni ezehlukene ezweni, lapho imiphakathi yanikwa ithuba lokuba iphawule ngalesi sicelo se-Eskom. Cishe bonke abantu ababamba iqhaza kule mihlangano yomphakathi, bakuphikisa ukuba i-Eskom inikezwe igunya lokwenyusa intengo ngaleli nani eyayilifuna.

Ekugcineni iNersa yathatha lesi sinqumo sokuthi intengo yenyuswe ngo 12.7%.

Ngasohlangothini lwabathengi abahlala ezindaweni ezisemadolobheni nasemalokishini, abawuphakelwa womasipala ugesi, kubona intengo yawo izokwenyuka ekuqaleni kukaNtulikazi (July).

INersa yagunyaza omasipala ukuthi eyabo intengo kagesi bayenyuse okungenani ngo-11.32%. Njengoba iNersa yagunyaza ukuba i-Eskom yenyuse intengo ngo-12.74% ngo-2025, yaphinde yagunyaza ukuba
ngo-2026 intengo yenyuswe ngo-5.36%, bese kuthi ngo-2017 yenyuke ngo 6.19%.

NgoLwesithathu kuleli sonto, i-Eskom iqinisekisile ukuthi ngomhla ka-1 Aphreli, iyaqala ukusebenza intengo entsha.

UMnu Monde Bala, oyiGroup Executive for Distribution e-Eskom, unxuse abathengi ukuba bathenge amakhadi kagesi ezindaweni ezigunyaziwe ukuwadayisa. Ugqugquzele labo bathengi abaxakekile, abadinga ukubonelelwa kwintengo kagesi, ukuba babhalisele uhlelo lwalesi sibonelelo esibizwa ngeFree Basic Electricity (FBE).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...