Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Iyingozi iBP uma ingelashwa

Iyingozi iBP uma ingelashwa

by | 29 November 2024

DKT Gugu Magubane

KUNEZIFO ezithatheka kalula kodwa ezinobungozi uma zingelashwa noma zingaqashwa. Namuhla sizobheka i-high blood pressure eyaziwa ngele-BP, okuyisifo esibulala buthule. Wonke umuntu unegazi elihamba emithanjeni yomzimba, leli gazi lithelela wonke amalunga omzimba ngenhloso yokukuphilisa kangcono. Igazi lisuka enhlizweni seliqukethe i-oxygen, liye kuzona zonke izitho zomzimba ebuchosheni, esikhunjeni, emaphashini, kwizinso, esiswini nakwinhliziyo uqobo.
Ukuze lifike phansi ezinyaweni naphezulu ekhanda, kumele inhliziyo ishaye ngendlela efanelekile. Uma usebenza kakhudlwana umzimba, njengokuhamba ushesha, noma uma ugijima, iyaye isebenze kakhulu nayo inhliziyo ukuze igazi lifike la lidingeka khona ngokushesha, emilenzeni le egijimayo.
Kuyenzeka ukuthi uma uphumule ekhaya noma wenza imisebenzi ejwayelekile, akumele inhliziyo isebenze ngamandla, nayo kumele iphumule. Inhliziyo uma izosebenza ngokwengezelele siyaye sithi i-BP iphezulu, ngoba isebenzisa amandla amaningi.

Iyini i-BP?
Amandla igazi elidudula ngawo imithambo. Ngakho-ke umsebenzi owenziwa inhliziyo yomuntu ukuhambisa igazi liya kwizitho zomzimba. Ikala ukuthi kunzima kangakanani ukuthi inani legazi elifuthwa yinhliziyo lidlule emithanjeni.

Ngabe ibangwa yini ?
-Ukubhema
-Uphuzo oludakayo
-Ukukhuluphala, ikakhulukazi ukukhuluphala ngesisu (umkhaba)
-Ukukhula, ngesikhathi umuntu ekhula imithambo iya ngokuya iqina
-Ukuhlala ungezi lutho, ukungazivocavoci umzimba
-Ukucindezeleka emphefumulweni, okungabangwa, umsebenzi nezenhlalakahle ekhaya
-Izinso ezingasebenzi kahle
-Ukudla ukudla okungenampilo, ikakhulukazi usawoti omningi ekudleni.
IBP ingumabulala buthule, umuntu onalesi sifo akaguli, akanazimpawu yingakho kubalulekile kakhulu ukuthi umuntu azazi izinombolo zakhe zeBP.

Ikalwa kanjani
-Uyakwazi ukuyenza ekhaya, imishini iyatholakala emakhemisi
-Ibhekwa emtholampilo nakodotela.
Owezempilo ufike abophe umkhono engalweni, kuxhunywe umshini, ube sewuqinisa ukuze ufike ekugcineni bese uyadedela lapho uzwa sekugijima igazi emithanjeni yengalo, bese umshini ukupha inombolo yokuqala kuzothi uma umkhono sewukhululekile ukhiphe inombolo yesibili. Uma inombolo engaphezulu (yokuqala) ingaphezu kwa 140 engaphansi (yesibili) ingaphezu kwa 90, kusho ukuthi yebo isifo sikhona sidinga ukwelashwa.
Wonke umuntu unezinombolo zakhe ezifanelekile u-100-139 (ngaphezulu) kube 60-90 (ngaphansi). Uma ingaphezulu 180/110 abahlengikazi sebekuphuzisile amaphilisi, baye bakudlulisele esibhedlela njengoba kubaluliwe, abantu abaningi abanazo izimpawu.

Ezinye zezimpawu zokugula yilezi:
-Ikhanda elinkenkethayo
-Isiyezi
-Ukudideka komqondo
-Ukufifiza kwamehlo
-Umongozima
-Ukucanuzela kwenhliziyo
-Inhliziyo eshaya ngamandla, uyizwe ezindlebeni ubone imithambo ishaya emqaleni
-Ubuhlungu besifuba
-Ukuphefumula kanzima
Uma ezinye zalezi zimpawu sezikhona isuke seyiphezulu kakhulu futhi seyinobungozi.

Ubungozi beBP nezitho ezithintekayo

  1. Ebuchosheni isifo sohlangothi, esokungahambi kwegazi noma ukopha ebuchosheni, esingagcina sibanga isifo sokuwa, ukuwohloka komqondo okudalwa yimithambo yegazi.
  2. Amehlo awaboni kahle, abe yimpumputhe.
  3. Inhliziyo iqala ibe wugqinsi ngakwesokunxele, emuva kwesikhathi iyancipha ize ikhathale yehluleke ukuhambisa igazi kuwona wonke umzimba. Bese uba nenkinga yokuvuvukala, kuqala izinyawo kugcina kuvuvukala umzimba wonke nenhliziyo iyama.
  4. Izinso zisebenza ukusefa igazi, uma liza ngamandla igazi, isisefo siyalimala. Lokhu ngingakufanisa nangesikhathi uchelela engadini, ucindezela ipayipi ukuze amanzi acindezeleke aphume ngamawala (ngamandla). Imithambo ehambisa igazi ezinsweni iyalimala. Izinso uma zingasebenzi, ukungcola ezikusefayo kusalela emzimbeni kunokuthi kuphume uma uchama bese umzimba uyavuvukala.

-Ozithwele:
Uma owesifazane ezithwele kubalulekile ayibheke iBP ngoba uma iphezulu umphumela mubi kumntwana, kuyenzeka umama akhulelwe esenayo noma ayithole esekhulelwe ikakhulukazi emuva kwamaviki awu-20 ekhulelwe. Kuyaye kuthi uma esetetile ibuyele kweyejwayelekile kodwa abanye ihlala phezulu idinge aqhubeke nemishanguzo.
-Ezinganeni, iyaba khona nakubona, odokotela babantwana abangachaza kahle.
-Kwabadala kakhulu abaneminyaka ewu-70 kuya phezulu izinombolo zabo ziyaba ku- 160/90 ngoba wonke umuntu unezinombolo zakhe ezimsebenzelayo

Ukunciphisa amathuba alesi sifo

  • Vocavoca umzimba
  • Nciphisa usawoti, ungawunezeleli
  • Yeka ukubhema nokungaqali kubalulekile kakhulu
  • Yehlisa uphuzo oludakayio
  • Lawula isifo sikashukela
  • Phuza imithi yokucindezeleka kokuphefumula

Ukuselapha
Ikhona imithi, amaphilisi okuyehlisa. Asebenza ngezindlela ezingafani emzimbeni, amanye asebenza kwizinso, kwimithambo yegazi nakwinhliziyo. Yingakho ayaye abe maningi umuntu awathola emtholampilo.
Kubalulekile ukusho ukuthi cishe wonke amaphilisi anawo ubungozi bawo (side effects) okungekuhle okuqhamuka uma udla imishanguzo. Ngakho uma uwaphuza, kuthathwa igazi kanye ngonyaka ukubheka umonakalo ongabe uyenzeka ukuze uvimbeke ngokushintsha umshanguzo, ngokwehlisa isikali sawo nokunye. Owezempilo uzokuchazela iphilisi ngalinye nokuthi ungalindlela ini sewuliqalile. Ngakho uma ungazizwa kahle, bika konke kudokotela noma kumhlengikazi ukuze usizakale ngendlela.
Ikhona nemithi yesintu esizayo kwiBP nakhona kumele unciphise amathuba njengoba kubhaliwe ngenhla.
Ukwelapha ngokwendabuko kukhona emhlabeni wonke kusetshenziswa isitshalo noma impande. Kungaba amahlamvu, izithelo nesiqu saso isitshalo. Ingaphezulu kwekhulu imithi yendabuko eNingizimu Afrika esetshenziswa ngabelaphi ukwehlisa ukusebenza ngamandla kwenhliziyo, iBP. Eminye ososayensi bayicwaningile, eminye isacwaninga indlela esebenza ngayo.

Izibonelo:
Inhlaba, uqadolo, umquma, ihalandaumlungumabele, intshungu, ikhathazo neminye. Lolu hlu alwenziwelwe ukuthi umuntu ayeke imishanguzo yakhe asebenzise yona kuphela. Njengokwasentshonalanga kubalulekile ukukhuluma nomelaphi wakho wendabuko akuhlanganisele ngokufanelekile. Siphila esikhathini esihle lapho izindlela zokwelapha ziziningi. Isibonelo ngokwe-BP ubona

  • I-dietician ikweyale ngokudla
  • Umhlengikazi akukhuthaze ngokwezempilo, aqalise amanye amaphilisi’
  • Udokotela ukwandisa amaphilisi, ukubheka ukuthi ayikho yini enye imbangela ye-BP ephezulu
  • Umelaphi wendabuko ukusebenzisa amanye amakhambi, ukubheka emndenini abuze kwabadalaukuthi ngabe ukhona yini umyalezo abawubikayo noma umhlola abawukhuzayo ngesifo.
  • Udokotela wengqondo (psychiatrist) ozosiza ekucindezelekeni komqondo ngemishanguzo
    Isazi sokusebenza ngengqondo (psychologist)- ozokwelapha ukucindezeleka ngokulalela uxoxa
    Ukukala iBP yakho ekhaya kubalulekile kusiza umelaphi azi ukuthi indlela yokwelapha iyasebenza ukuze anyuse noma ehlise imishanguzo, imithi oyisebenzisayo.

UDkt Makhosi Magubane usebenzela eHibiscus Hospital eCato Ridge.
(031) 492 8048

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...