Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Usuphumile esandleni umkhuba wokukhanyisa isikhumba –udokotela

Usuphumile esandleni umkhuba wokukhanyisa isikhumba –udokotela

by | 11 December 2025

NGU-KELLY Khumalo noThah Simelane asebenebala elikhanyayo kunaleli ababenalo phambilini.

UMKHUBA wokukhanyisa ibala usuwandile, futhi usucishe wamukeleke kwabaningi. Phakathi kosaziwayo abaphumela obala ngokukhanyisa ibala, singabala umculi ongasekho emhlabeni, uMshoza, uKhanyi Mbau noTha Simelane.

Nokho-ke abanye kabadingi ukuphumela obala, uzibonela wena umuntu esekhanya okwelanga liphuma. Sixoxe noDkt Annah Sishange ongudokotela wesikhumba eGreys Hospital, eMgungundlovu, othi lo mkhuba wokukhanyisa ibala usuphumile esandleni.

“Umkhuba wokuthi abantu bafune ukukhanya ngebala uyanda kakhulu. Izizathu ezihamba phambili abantu abazibekayo, wukuthi basuke befuna ukususa amabala adalwe yizifo zesikhumba abebenazo phambilini, njengezinduna.

“Le nkinga yebala iqala emphakathini lapho onebala elizothile ezithola egconwa ngalo. Inkolelo yokuthi umuntu okhanyayo muhle, futhi ungcono kunabangakhanyi ngebala, phecelezi i-colourism. Ne-social media-ke, inomthelela omkhulu wokuthi abantu bafune kuchachambe (glow) isikhumba,” esho.

NGUKHANYI Mbau

Uthi ukucwaswa ngebala kuqala emphakathini ngendlela esikhuluma ngayo ngabantu abangakhanyi. Ingane encane ibizwe ngomubiza, ngomnyamana, njalo-njalo. Le nto uthi iyayikhuba ingane, ize ikhule nayo, bese iyazenyeza ngebala layo noma ingazethembi. Uma isikhulile, isinamandla, udokotela uthi yilapho ithola khona izindlela zokuthi izishintshe ibala.

UDkt Sishange ukhuthaza ukuba kuqashelwe lokhu njengomphakathi, kungenziwa. Uthi ngesikhathi umuntu eqala ukusebenzisa izikhanyisi zebala, akabuboni ububi bakho, ubuka ubuhle bokukhanya kwebala. Nabantu uma uke wakhanya bayaqala bakuncoma, babodwa abathi uphuphuzela uboya, abanye bathi umhlophe, umuhle, noma u-yellow.

“Abantu-ke basebenzisa kakhulu o-cream abayingozi, abangekho emthethweni. Bashibhile, batholakala kalula ezitolo ezincane nasema-salon. Kuqale kuhambe kahle, bese beyakujikela, isikhumba sakho sibe lula sengathi yiphepha. Kuvela imithambo, bese nelanga likushisa kalula, kunsonsothe isikhumba uma uselangeni,” esho.

NGUMCULI ongasekho emhlabeni, uMshoza.

Ubungozi bokukhanyisa ibala noma isikhumba:
Ingozi-ke wukuthi ukushintsha kwesikhumba sakho kuchaza ukuthi kawusavikelekile emisebeni yelanga. Umbala lo onsundu esinawo, udalwa yi-melanin, esivikela elangeni ukuze singabi nomdlavuza wesikhumba odalwa wukushisa kwelanga.

Umdlavuza wesikhumba kwabamnyama:
Umdlavuza wesikhumba ubungajwayelekile ebantwini abansundu, manje sesiyawubona kulaba abasebenzisa labo cream abangekho emthethweni. Abanye basebenzisa ama-drip, oGlutathione.

Ngabe aphephile yini ama-drip?
Inkinga wukuthi kasikabi nalo ucwaningo olunzulu noluphelele ukuthi le drip iphephile yini noma cha. Siyazi ukuthi iyasikhanyisa isikhumba, nokuthi uma uyiyeka isikhumba siphindela esimweni saso.

“Lokhu-ke kuchaza ukuthi ungadinga ukuthi uyisebenzise isikhathi eside kakhulu,” kusho udokotela.

Thola usizo kwabezempilo
“Uma unesifo sesikhumba, sukuma uyothola usizo kodokotela noma emtholampilo ukuze ungagcini unamabala angasuki. Usizo luthole ngokusemthethweni ukuze uthole imithi ephephile, ungalaleli yonke into ekwi-social media ngoba uzosha,” esho.

UDkt Sishange unxusa umphakathi ukuba uqaphele amagama owasebenzisayo ngebala.

“Nathi mphakathi masiyeke ukucwasa abantu abangakhanyi ngebala ngoba kuyabalimaza lokho, bagcine besebenzisa noma yini ukuze bakhanye. Uma ufuna ukusebenzisa ama-drip, yiya kudokotela osemthethweni, ozokuchazela kahle yonke into okumele uyazi ngalowo mjovo.
“Themba udokotela wakho wesikhumba, hhayi iTikTok. Ngezikhathi zonke-ke, gcoba isikhumba sakho (moisturise), uzivikele naselangeni,” kuphetha uDkt Sishange.

Ezisematheni

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

Umfundi kaMatric obekhulelwe uzidubule wafa egcekeni kubo

UZIBULALE ngokuzidubula ngesibhamu umfundi (16), kamatikuletsheni, obanjwe nguyise ukuthi ukhulelwe. Kubikwa ukuthi uNkz Sisanda Zulu (16), wakwaL, Olundi, obefunda eGqokamandla High School, uzibulale ngemuva kokuba engafunanga ukuphumela obala ngokukhulelwa kwakhe....

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

UShinga ulahlwe ngamacala okwephula umyalelo weNFP

NGUNKZ Mbalu Shinga onguSihlalo weNFP KwaZulu-Natal noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni. AMLAHLE wonke amacala abethweswe wona uSihlalo weNFP ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga, owanqaba...