
USIHLALO wekhomishini yokhetho KwaZulu Natal uNkk Ntombifuthi Masinga uzwakalise ukugculiseka ngendlela ukhetho oluqhubeke ngayo esifundazweni.
UNkk Masinga uthe nakuba zibe khona izihibe kusukela ngoMsombuluko kuqalile ukuvota okuyisipesheli kuze kushaye izolo ngoLwesithathu ngosuku olukhulu kodwa isifundazwe sikwazile ukwenzaka kangcono ngokwezinombolo zabantu abakwazile ukuphuma ngobuningi ukuzovota kulolu khetho lohulumeni basekhaya.
Uthe banelisekile ngesibalo sabavoti uma kuqhathaniswa nesibalo sikazwelonke.
Uthe sebeqalile ukubala amavoti aqhamuka ezindaweni ezahlukene ikakhulukazi lawa afike ezintatha namhlanje.
UNkk Masinga uthe basebenzisana nezinkampani zabacwaningi ukuqinisekisa ukuthi izinombolo abazitholayo zamavoti ziyafana yini nalezo ezitholakale eziteshini zokuvota.
“Ngaphambi kokuthi isiveze ebhodini lethu siqale siqinisekise nalezi zinkampani ukuze sibe nesiqiniseko zokuthi siyizo yini,” kusho uNkk Masinga.

Uthe ubonga kakhulu kubavoti bakwazile bakulesi sifundazwe kusukela ngoMsombuluko nangoLwesibili lapho isimo sezulu besingesihle neze.
“Sikwazile ukuhambela iningi le mizi ebicele ukuba siyihambele ngesikhathi sokuvota okuyisipesheli nakuba singakwazanga ukufinyelela kuyona yonke ngenxa yokuthi abanye asibaficanga kumakheli abebewabhalisile,” kusho uNkk Masinga.
Uthe kusukela manje njengoba sekuphothuliwe ukuvota sekuqala ukubalwa kwamavoti amaqembu anesikhathi abekelwe sona sokuthi esizonqanyulwa kusasa ngoLwesihlanu ngehora lesihlanu sokuthi afake izimangalo noma izikhalazo uma khona lapho bebona kungahamba kahle noma kukhona abakusolayo.
Uthe nakuba imiphumela iqhubeka nokungena kodwa bona njengekhomishini bahlela ukumemezela imiphumela ngokusemthethweni ngeSonto.







