
BUKUCWEBE iziziba amarenki eseThekwini ngoLwesine ekuseni, kulandela isiteleka samatekisi esiqhutshwa yi-Ethekwini Metro Taxi Council, engaphansi kweSantaco.
Isiteleka kuthiwa sidalwe wukuboshwa nokukhishwa emigwaqeni kwamatekisi angama-30, eCleremont-KwaDabeka Taxi Association, ngamaphoyisa kaMasipala weTheku, athe kawanawo amaphemithi.
IMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, uMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, neTaxi Council, babenezingxoxo ngoLwesithathu ngenhloso yokuvimba isiteleka, kodwa zafinyelela kwangqingetshe.
UMnu Mathula Mkhize, weMetro Taxi Council, uthi isiteleka sizoqhubeka kuze kube uMasipala weTheku udedela zonke izimoto ezaboshwa ngoLwesihlanu. Bekuwusizi emigwaqeni esenyakatho yeTheku, njengoba izinkumbi zabagibeli, bezimi izixokololo ezitobhini, abanye behamba ngezinyawo, ibanga elide beya emisebenzini nasezikoleni.
Amabhasi kamasipala abengami kwezinye izitobhi, ngenxa yokuthi ebegcwele echichima. Isiteleka lesi, sishaye kwezwakala nasemnothweni weTheku, ngoba ezinye izisebenzi zingakwazanga ukuya emisebenzini.
Izinhlangothi ezithintekayo zithi zisazoqhubeka nemizamo yokuxazulula isiteleka, kodwa iMetro Taxi Council ithi ifuna zonke izimoto eziboshiwe zidedelwe kuqala.







