Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Izelamani ecaleni lokubulala zigqibe umngani

Izelamani ecaleni lokubulala zigqibe umngani

by | 2 August 2026

KUVUKE iminjunju emndenini kaMnu Zothani Zungu (20) waseMlaba Village, eHammarsdale otholwe eseshonile egqitshwe ngasemfuleni ngemuva kokunyamalala izinyanga ezintathu. ILANGA likhulume noNkz Zandile Zungu (31) ongudadewabo omdala kamufi, uthi bashaqekile ngokuboshwa kwezelamani ezingabangani bakamufi. Uthi umndeni ufuna izimpendulo zokuthi babembulalenani.

UNkz Zungu uchaze kabanzi ngokwenzeka ngosuku anyamalala ngalo: “Kwafika abangani bakhe ababili abayizelamani, bamthatha ekhaya ntambama ngomhla-ka (21) May, kungoLwesine, bathi baya esitolo,” echaza.

Ngosuku olulandelayo ngoLwesihlanu, kuthiwa omunye wabangani wafika wabika ukuthi bajahwe yimoto ngayizolo, yabaphuca ababeyokuthenga.
Utho omunye wabangani bakamufi owayekhona ngosuku abamthatha ngalo, wafika kubo wacela umfowabo kamufi ukuba amphelezele baye kaWebber emaphoyiseni, bayovula icala lomuntu onyamalele ngoba beboba sekuphele isikhathi eside engatholakali.

Uthi bamtshela ukuthi akuvukwe ekuseni ngosuku olulandelayo, kuyiwe emaphoyiseni. Uthi ngosuku okwakumele kuvukwe ngalo, akabange esatholakala umngani. Kwafika unina, wathi ingane yakhe ihlaselwe abantu ezintatha, bayishaya bayikhipha amazinyo bahamba nayo.

“Ngemuva kokunyamalala kukamfowethu ubudlwelwano nomndeni wabasolwa bebungasekho buhle, unina wabasolwa wasivulela icala esisola ngokuthi siyabahlukumeza. Wathi siyamhlukumeza njengoba besilokhu sibuza ezinganeni zakhe ukuthi uphi uZothani,” echaza.


UNkz Zungu uveze ukuthi umufi nabasolwa bebengahlukani bezwana. “Bebengamathe nolimu, kwesinye isikhathi bebelala ngisho ekhaya. Alukho olubi ebesilwazi ngabo. Kodwa-ke kuthe ngemuva kokuvela kwalesi sigameko, zaqala zaphuma izindaba zabangani ukuthi bebebuye bahluphe emphakathini, babambe inkunzi,” esho.



Uchaze ngokutholakala kukamufi uthi kusize izingane zesikole ezaqhamuka zabika ukuthi zibone omunye wabangani emba ngasemfuleni. “Yilapho-ke kubikelwe khona amaphoyisa, afika nezinja zahogela umkhondo ngoba abangani bebengasazi nokuthi bamgqiba ngakuphi,” esho.

Uthi abakufisayo njengamanje ukufihla ngesizotha ithambo labo bathole nobulungiswa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Paul Magwaza uthe amaphoyisa aseMpumalanga abophe abasolwa ababili abaphakathi kweminyaka ewu (19) no (20) ngokubulawa komfana oneminyaka ewu (20) okwakubikwe ukuthi unyamalele. Uphenyo luholele amaphoyisa engcwabeni elingajulile eMlaba Village lapho kutholakale khona isidumbu somfana.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...