Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 IZICELO ZE-CAO ZASE-DUT ZIKA-2027

IZICELO ZE-CAO ZASE-DUT ZIKA-2027

by | 30 September 2026

DUT CAO campaign – social media carousel-final9

Bafundi bakaMatikuletsheni, unyaka wenu ka-2027 uzobe unjani? 🎓

Nizofundelani? Ingabe nizoklama ikusasa, nilakhe, nibhale amakhodi ezobuchwepheshe, niliphathe noma niliguqule?

ENyuvesi yaseThekwini yezoBuchwepheshe (i-DUT), nizothola amathuba okufunda emikhakheni eyahlukene kuma-faculty ayisithupha (6) asemakhampasini ayisikhombisa (7) eThekwini naseMgungundlovu. Nizophinde nibe yingxenye yomphakathi wabantu abenza ushintsho, abanombono ngekusasa kanye nabasungula izinto ezintsha, abangahlali balinde ukuthi ikusasa libaphatheleni.

E-DUT, asilindi ikusasa. Siyazakhela ikusasa!

Izicelo zezinhlelo zokufunda ezikhangiswayo zivalwa ekupheleni kukaSepthemba. Manje yisikhathi sokukhetha indlela yakho nokuthatha igxathu lokuqala elibheke ekusaseni lakho.

👉 IZICELO ZE-CAO ZANGO-2027 SEZIVULIWE. FAKA ISICELO NAMUHLA KU:
WWW.CAO.AC.ZA

Ezisematheni

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

Kuhlangene omame bamaSheshi eThekwini

UMBUTHO womame beBandla laseSheshi (Anglican Church) ubambe ingqungqutheka yezinsuku ezine Thekwini, eqale ngoLwesine. Le ngqungquthela yalo mbutho owaziwa ngeMothers' Union yethanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-2 000, ezivela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, nakwamanye...

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

Inyuvesi nesifundo ngamagalelo kaShenge

ISIKHUNGO semfundo ephakeme, iMangosuthu University of Technology (MUT), sihlele isifundo ngempilo nangamagalelo omsunguli waso, iNkosi uMangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhindangene). Lesi sifundo esizokuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre...