Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Izigameko ezishaqisayo ohlelweni olukhuza ibuya kwi-SABC 1

Izigameko ezishaqisayo ohlelweni olukhuza ibuya kwi-SABC 1

by | 28 January 2025

KULINDELEKE ukuthi liqhubeka nokuveza izigameko ezishaqisayo abantu abadlule kuzona uhlelo lukamabonakude okubhekwe ukuthi luqale isizini yesithathu lukhonjiswa esiteshini esingaphansi kwenhlangano yezokusakaza kuleli i-SABC 1.

Lolu hlelo olubizwa ngokuthi Ngomusa kulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngoMsombuluko mhla ka-3 kuFebruary ngehora lesithupha kusihlwa.

Lumayelana nezigameko ezishaqisayo abantu abadlule kuzona nabo abangazi nokuthi baphunyuke kanjani kuzona.

Phakathi kweziqephu abantu abazozibona kubalwa esika-Inga owasinda edutshulwa ngezinhlamvu eziwu-27 esigamekweni sokubulawa kwabantu endaweni yokucima ukoma.

Esinye okulindeleke ukuthi sishiye abantu bekhexile kulabe esikaSlindile owalunywa yizinja eziwu-9 waze walahlekelwa yilunga lomzimba wakhe.

Isiqephu sikaSenzo sizochaza kabanzi ngokusinda kwakhe ngendlela naye angazi ngayo engozini yemoto eyadlula nemiphefumulo wawowonke umuntu ayehamba naye.

Uthi ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo naye bamchaza njengomuntu ongasekho emhlabeni ngenxa yokunyantisa kwengozi nokulimala kwakhe.

Ziningi nezinye iziqephu ezizokhonjiswa kulolu hlelo ezizomangaza ababukeli.

Abantu abazovela kulolu hlelo bazobe beqhakambisa umusa wabo wabo ngokudlula kulezi zigameko ezishaqisayo.  

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...