
KUPHELILE obekuhlanganise iGagasi FM nomsakazi uThandi “Zisto” Mhlongo obeshayela uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku.
UZisto ubeshayela lolu hlelo ngokubambisana noSphectecular noNaves. Ukwehlukana kukaZisto neGagasi kudalulwe yiwona lo msakazo ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba.
IGagasi liveze ukuthi uZisto, ojoyine lo msakazo ngo-2017, uqoke ukungayivuseleli inkontileka yakhe ephela ngoMsombuluko mhla ka-31 kuNdasa (March) 2025. Isitatimende siveze ukuthi abaphathi balo msakazo bamfisela okuhle kodwa uZisto kwinqubekela phambili yakhe.
Ecashunwa kulesi sitatimende, lo msakazi ubonge uthuba alinikwe yilo msakazo. Uphinde wabonga nothando abalaleli beGagasi abamnike lona kule minyaka ekulo msakazo. Akasidalulanga isizathu sokushiya kwakhe nokuthi ulibangisaphi.
Lo msakazo kulindeleke ukuthi umemezele izinguquko zawo zokuqala konyaka omusha ngoLwesibili mhla ka-1 kuMbasa (April).