Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuphelile phakathi kukaZisto neGagasi FM

Kuphelile phakathi kukaZisto neGagasi FM

by | 26 March 2025

KUPHELILE obekuhlanganise iGagasi FM nomsakazi uThandi “Zisto” Mhlongo obeshayela uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku.

UZisto ubeshayela lolu hlelo ngokubambisana noSphectecular noNaves. Ukwehlukana kukaZisto neGagasi kudalulwe yiwona lo msakazo ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba.

IGagasi liveze ukuthi uZisto, ojoyine lo msakazo ngo-2017, uqoke ukungayivuseleli inkontileka yakhe ephela ngoMsombuluko mhla ka-31 kuNdasa (March) 2025. Isitatimende siveze ukuthi abaphathi balo msakazo bamfisela okuhle kodwa uZisto kwinqubekela phambili yakhe.

Ecashunwa kulesi sitatimende, lo msakazi ubonge uthuba alinikwe yilo msakazo. Uphinde wabonga nothando abalaleli beGagasi abamnike lona kule minyaka ekulo msakazo. Akasidalulanga isizathu sokushiya kwakhe nokuthi ulibangisaphi.

Lo msakazo kulindeleke ukuthi umemezele izinguquko zawo zokuqala konyaka omusha ngoLwesibili mhla ka-1 kuMbasa (April).

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...