Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lugcine lugobile uphondo kuGodongwana ngolweVAT

Lugcine lugobile uphondo kuGodongwana ngolweVAT

by | 24 April 2025

LUGCINE lugobile uphondo kuNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana njengoba iHhovisi likaMgcinimafa kuzwelonke limemezele ukuthi ngeke isanyuka intela yokuthenga iVAT obekumele inyuke ngo-0.5% ngomhla ka-1 kuNhlaba (May).

Lokhu kuchaza ukuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika sezingawehlisa amaphaphu njengoba le ntela izoqhubeka nokuhlala ku-15%.

Lokhu kuza ngemuva kwengcindezi amaqembu epolitiki abeyifakela uGodongwana, we-ANC.

Kwenzeka lokhu nje, bekulindelwe siphume ngesonto elizayo isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape odabeni olufakwe yiDA ne-EFF, bekhala ngokuthi ukwenyuswa kweVAT kwenziwe ngendlela engekho emthethweni. I-DA ithi isinqumo sikaGodongwana sidalwe yingcindezi yokuthi icala belizomchitha enkantolo.

Ngakolunye uhlangothi, i-Action SA ithi kuye ngamagama enkehli njengoba yayithembisile ukuthi izolwa ukuqinisekisa ukuthi kayenyuswa iVAT. Ithi nakuba yavokutela ukuphasiswa kwesabelomali ePhalamende, beyazi ukuthi ngeke yenyuswe iVAT njengoba yethula kwi-ANC ezinye izindlela uhulumeni angathola ngazo imali ngaphandle kokucindezela kakhulu abantu abentulayo.


UGodongwane uthe ukungenyuswa kweVAT kulahlekisela uhulumeni imali elinganiselwa ku-R75 billion, okuzophoqa ukuba kuncishiswe isabelomali kwezinye izinhlelo, ezinye zihoxiswe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...