Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Lugcine lugobile uphondo kuGodongwana ngolweVAT

Lugcine lugobile uphondo kuGodongwana ngolweVAT

by | 24 April 2025

LUGCINE lugobile uphondo kuNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana njengoba iHhovisi likaMgcinimafa kuzwelonke limemezele ukuthi ngeke isanyuka intela yokuthenga iVAT obekumele inyuke ngo-0.5% ngomhla ka-1 kuNhlaba (May).

Lokhu kuchaza ukuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika sezingawehlisa amaphaphu njengoba le ntela izoqhubeka nokuhlala ku-15%.

Lokhu kuza ngemuva kwengcindezi amaqembu epolitiki abeyifakela uGodongwana, we-ANC.

Kwenzeka lokhu nje, bekulindelwe siphume ngesonto elizayo isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape odabeni olufakwe yiDA ne-EFF, bekhala ngokuthi ukwenyuswa kweVAT kwenziwe ngendlela engekho emthethweni. I-DA ithi isinqumo sikaGodongwana sidalwe yingcindezi yokuthi icala belizomchitha enkantolo.

Ngakolunye uhlangothi, i-Action SA ithi kuye ngamagama enkehli njengoba yayithembisile ukuthi izolwa ukuqinisekisa ukuthi kayenyuswa iVAT. Ithi nakuba yavokutela ukuphasiswa kwesabelomali ePhalamende, beyazi ukuthi ngeke yenyuswe iVAT njengoba yethula kwi-ANC ezinye izindlela uhulumeni angathola ngazo imali ngaphandle kokucindezela kakhulu abantu abentulayo.


UGodongwane uthe ukungenyuswa kweVAT kulahlekisela uhulumeni imali elinganiselwa ku-R75 billion, okuzophoqa ukuba kuncishiswe isabelomali kwezinye izinhlelo, ezinye zihoxiswe.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...