Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Izikhungo zokubhalisa ababhaci mazibekwe emingceleni’ — Jacinta

‘Izikhungo zokubhalisa ababhaci mazibekwe emingceleni’ — Jacinta

by | 21 October 2026

I-MARCH and March, ithi kumele bangavunyelwa emphakathini abantu abakuleli ngokungemthetho, abalinde ukufaka noma imiphumela yezicelo zabo zokubhaciswa eNingizimu Afrika.

Umholi wale nhlangano uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uthi bazoqhubeka nokuyilwa indaba yemithetho yokubhaciswa kwabantu kuleli, ebonakala iphikisana nokufunwa yizakhamizi. Ubephawula ngesinqumo sakamuva seNkantolo yoMthethosisekelo esisuse uthuthuva, esithi abantu abakuleli ngokungemthetho nabo mabanikwe ithuba lokufaka izicelo zokubhaciswa.

Ngemuva kwemibhikisho enodlame ezingxenyeni ezehlukene zezwe, okubalwa kuzona iThekwini naseSoweto, uMnyango wezaseKhaya umemezele ukuthi uyasihoxisa isinqumo sokuthi kwenziwe njengokomyalelo wenkantolo. Imibhikisho iqubuke ngemuva kokuba kubonakale izinkumbi zabantu bokufika, zibambe olayi- ni abade ezikhungweni zomnyango, ukuyofaka izicelo zokubhaciswa.

Ekhuluma ne-ENCA ngempelasonto, uNkk Ngobese-Zuma, uthe umuntu okwelinye izwe engenawo amaphephamvume uyisephulamthetho, futhi kumele aphathwe kanjalo.

“Sekuyisikhathi eside sishumayela ivangeli elilodwa lokuthi kumele sibe nezikhungo zokugcina abantu ababaleke emazweni abo ngesikhathi kusalungiswa indaba yamaphepha abo. Baningi abantu abangena kuleli ngopotsho, bese bethi bazobhaca.

“Ngisho kwawoma umnyango uyasho ukuthi u-95% wabantu abafaka izicelo zokubhaca ngosomathuba, akukho abakubalekelayo emazweni abo. Ngakho-ke makwenziwe izikhungo zibe seduze kwemingcele, lapho bezosetshenzelwa khona, bangabangi izinsiza nabakhokhi bentela,” esho.

Uthi indlela okwenziwa ngayo izinto, ibonakala ivuna abantu bangaphandle kunabantu bakuleli. Uthi kumele kuqiniswe imithetho yokubhacisa abantu ezweni, ngoba ixhashazwa ngosomathuba.

“Ezweni lapho abantu abazobhaca benikwa amalungelo okuvula amabhizinisi nokuthi basebenze, wonke umuntu uzobheka intuba yokungena. Uma sebengaphakathi ezweni lethu, bajika bayise uhulumeni wethu ezinkantolo zethu, ngoba bengafuni ukubuyela emazweni abo.”

Uthi iyakhathaza indaba yokuthi imithetho yezwe isetshenziswe ukuthatha izinqumo ezingahambisani nokufunwa wuquqaba. Uthi bazoyilwa kuze kube sekugcineni indaba yabantu bangaphandle, abakuleli ngokungemthetho.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...