Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Unephupho lokujabulisa umnikazi woSuthu ngendebe

Unephupho lokujabulisa umnikazi woSuthu ngendebe

by | 13 February 2026

MFANAFUTHI NDLOVU

UNEPHUPHO lokunika uSandile Zungu – onguMengameli wamaZulu FC – isipho esikhethekile empilweni yakhe u-Arthur “10111” Zwane ongumlolongi wale kilabhu ejabulise lesi sikhulu ngosuku lwaso lokuzalwa idlulela kwiLast 16 yeNedbank Cup ngokuwashisa ijezi iPolokwane City ngo-2-1 ngoLwesibili ebusuku e-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo.


USuthu lugijime lo mdlalo ngosuku lokuzalwa kukaZungu nokho obengekho kulo mdlalo ngenxa yokuxineka kwezamabhizinisi. UZwane utshele abezindaba emuva kwalo mdlalo ukuthi ukuzinikela okubonakala kubadlali yingenxa yokufuna ukubonga kuZungu ozinikele kumaZulu FC. Uthi ngalo mphumela bebehlonipha usuku olukhulu lomphathi wale kilabhu. Uthi bebefuna ukumenza aziqhenye ngabo.


“Sisazoqhubeka nokumnika ezinye izipho ngoba uhlale njalo elangazelele ukweseka ikilabhu ngazo zonke izindlela. Konke kusezandleni zethu ukufezekisa izifiso zakhe. USuthu lusegazini lakhe, yingakho kufanele simbonge ngokudlala ngokuzikhandla enkundleni,” esho.


Kuyinto eyaziwayo ukuthi iphupho elikhulu likaZungu wukubona le kilabhu iqukula inkomishi ngaphambi kokuhlanganisa iminyaka ewu-100 ngo-2032. Le kilabhu yagcina ukuqukula inkomishi ngo-1992 yehlula iKaizer Chiefs kowamanqamu weCoca Cola Cup. UZwane uthi kungaba kuhle kakhulu ukunqoba inkomishi nalesi sikwati sabadlali anaso. Uthi lokhu kungaba yinto enhle njengoba abadlali bakhe abaningi bengakaze bayiqukule inkomishi empilweni yabo.
Uthi basebenze kanzima ukunqoba iPolokwane ngoba ibingabaniki ithuba lokuphefumula. Uthi bekufanele bayigade umdlalo uqala uze uyosongwa ngoba ihlezi ibathwalisa ubunzima.


“Ngabe kangibenzi ubulungiswa uma ngingabancomi abadlali bami ngokulwa enkundleni. Bekunzima ukubhekana nekilabhu ebisishoda ngomdlali. Besikufuna ukudlulela esigabeni esilandelayo, besizophoxeka ukuba sehlulekile,” esho.
UZwane uncome u-Andiswa Sithole noThandolwethu Ngwenya. Uthi lo mqhudelwano usazokuba nzima kakhulu njengoba indlela iseyinde.


Emdlalweni olandelayo woSuthu luzokwamukela iMamelodi Sundowns koweBetway Premiership ngoLwesibili lomhla ka-24 kuNhlolanja (February) ngo-19h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...