Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Unephupho lokujabulisa umnikazi woSuthu ngendebe

Unephupho lokujabulisa umnikazi woSuthu ngendebe

by | 13 February 2026

MFANAFUTHI NDLOVU

UNEPHUPHO lokunika uSandile Zungu – onguMengameli wamaZulu FC – isipho esikhethekile empilweni yakhe u-Arthur “10111” Zwane ongumlolongi wale kilabhu ejabulise lesi sikhulu ngosuku lwaso lokuzalwa idlulela kwiLast 16 yeNedbank Cup ngokuwashisa ijezi iPolokwane City ngo-2-1 ngoLwesibili ebusuku e-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo.


USuthu lugijime lo mdlalo ngosuku lokuzalwa kukaZungu nokho obengekho kulo mdlalo ngenxa yokuxineka kwezamabhizinisi. UZwane utshele abezindaba emuva kwalo mdlalo ukuthi ukuzinikela okubonakala kubadlali yingenxa yokufuna ukubonga kuZungu ozinikele kumaZulu FC. Uthi ngalo mphumela bebehlonipha usuku olukhulu lomphathi wale kilabhu. Uthi bebefuna ukumenza aziqhenye ngabo.


“Sisazoqhubeka nokumnika ezinye izipho ngoba uhlale njalo elangazelele ukweseka ikilabhu ngazo zonke izindlela. Konke kusezandleni zethu ukufezekisa izifiso zakhe. USuthu lusegazini lakhe, yingakho kufanele simbonge ngokudlala ngokuzikhandla enkundleni,” esho.


Kuyinto eyaziwayo ukuthi iphupho elikhulu likaZungu wukubona le kilabhu iqukula inkomishi ngaphambi kokuhlanganisa iminyaka ewu-100 ngo-2032. Le kilabhu yagcina ukuqukula inkomishi ngo-1992 yehlula iKaizer Chiefs kowamanqamu weCoca Cola Cup. UZwane uthi kungaba kuhle kakhulu ukunqoba inkomishi nalesi sikwati sabadlali anaso. Uthi lokhu kungaba yinto enhle njengoba abadlali bakhe abaningi bengakaze bayiqukule inkomishi empilweni yabo.
Uthi basebenze kanzima ukunqoba iPolokwane ngoba ibingabaniki ithuba lokuphefumula. Uthi bekufanele bayigade umdlalo uqala uze uyosongwa ngoba ihlezi ibathwalisa ubunzima.


“Ngabe kangibenzi ubulungiswa uma ngingabancomi abadlali bami ngokulwa enkundleni. Bekunzima ukubhekana nekilabhu ebisishoda ngomdlali. Besikufuna ukudlulela esigabeni esilandelayo, besizophoxeka ukuba sehlulekile,” esho.
UZwane uncome u-Andiswa Sithole noThandolwethu Ngwenya. Uthi lo mqhudelwano usazokuba nzima kakhulu njengoba indlela iseyinde.


Emdlalweni olandelayo woSuthu luzokwamukela iMamelodi Sundowns koweBetway Premiership ngoLwesibili lomhla ka-24 kuNhlolanja (February) ngo-19h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...