Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 UGodongwana uvule inkulumo yakhe ngokucacisa eyokungabikhona kukaRamaphosa

UGodongwana uvule inkulumo yakhe ngokucacisa eyokungabikhona kukaRamaphosa

by | 22 May 2025

NGESIKHATHI evula inkulumo yakhe yesabelomali uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, uqale ngokuphawula mayelana nokungabikhona kukaMengameli uMnu Cyril Ramaphosa ephalamende, emhlanganweni wokwethulwa kwesabelomali sanonyaka.


Amaqembu aphikisayo okubalwa kuwo i-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye noMkhonto weSizwe Party (MKP), amgxeke kakhulu uMengameli Ramaphosa ngokuthi uhambe waya e-US eyohlangana noMengameli uMnu Donald Trump.
UGodongwana utshele amalungu ephalamende ukuthi bayixoxile indaba yokushayisana kosuku lomhlangano kaRamaphosa noTrump, kanye nosuku lokwethulwa kwesabelomali ephalamende eCape Town.


Uveze ukuthi ngesikhathi bebhunga ngalolu daba, kuvele umbono wokuthi kuphakathi kokuba kuhlehliswe uhambo lwaseMelika, noma kuhlehliswe usuku lokwethulwa kwesabelomali.
“Sinqume ukuthi akukho ebesingakuhlehlisa phakathi kohambo lwase-United States kanye nokwethulwa kwesabelomali,” kusho uGodongwana.


Njengoba ubengekho uRamaphosa, kanjalo neSekela Mengameli uMnu Paul Mashatile ubengekho njengoba eseFrance ngokomsebenzi.
URamaphosa ubeke uMnu Gwede Mantashe onguNgqongqoshe wezokuMbiwayo, ukuba abambe esikhundleni sakhe.
I-MKP kanye ne-EFF bagxeke uRamaphosa, bambeka njengomuntu obudedengu ngokuhamba ashiye umhlangano obaluleke kangaka wokwethulwa kwesabelomali, esesethulwa okwesithathu.

Kungokokuqala ukuthi ukwethulwa kwesabelomali kube nezingqinamba ezenze ukuba sihlakazwe siqalwe phansi. Lawa maqembu aphikisayo athi lokhu kukhomba ukuthi izwe libhekene nenhlekele, kodwa uRamaphosa uhambe washiya lo mhlangano.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...