Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sitholakale sesonakale isidumbu sentombazane ebinyamalele

Sitholakale sesonakale isidumbu sentombazane ebinyamalele

by | 25 May 2025

SITHOLAKALE namuhla ngoSonto sesonakele isidumbu sentombazane (18) enyamalale ngoMsombuluko ishiya ingane yayo eneminyaka emithathu, esigodini saseNgqutshini, eGingindlovu.

Ngokuthola kweLANGA isidumbu sikaNkz Xolile Mpanza sitholwe emobeni, bude buduze nesitolo sendawo iVusimuzi.

Imibiko nezinsolo kuveza ukuthi uNkz Mpanza wathathwa kubo ngabasolwa abangaziwa, eshiya ingane yakhe ayelele nayo embhedeni. Umalume kamufi, uMnu Jabulani Mpanza uthi lesi sigameko siwuhlukumeze kakhulu umndeni.


“Besihlezi sizibona izinto ezinje zenzeka kodwa singacabangi ukuthi kungenzeka nakithi, isimo nje sibi kakhulu emndenini. Silimele kakhulu ngomtwana njengoba ebenesanekusasa, ekhonze kakhulu nemfundo,” kusho uMpanza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...