Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sitholakale sesonakale isidumbu sentombazane ebinyamalele

Sitholakale sesonakale isidumbu sentombazane ebinyamalele

by | 25 May 2025

SITHOLAKALE namuhla ngoSonto sesonakele isidumbu sentombazane (18) enyamalale ngoMsombuluko ishiya ingane yayo eneminyaka emithathu, esigodini saseNgqutshini, eGingindlovu.

Ngokuthola kweLANGA isidumbu sikaNkz Xolile Mpanza sitholwe emobeni, bude buduze nesitolo sendawo iVusimuzi.

Imibiko nezinsolo kuveza ukuthi uNkz Mpanza wathathwa kubo ngabasolwa abangaziwa, eshiya ingane yakhe ayelele nayo embhedeni. Umalume kamufi, uMnu Jabulani Mpanza uthi lesi sigameko siwuhlukumeze kakhulu umndeni.


“Besihlezi sizibona izinto ezinje zenzeka kodwa singacabangi ukuthi kungenzeka nakithi, isimo nje sibi kakhulu emndenini. Silimele kakhulu ngomtwana njengoba ebenesanekusasa, ekhonze kakhulu nemfundo,” kusho uMpanza.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...