Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ugwetshwe 15 weminyaka olahlwe ngelokudlwengula umakhelwane

Ugwetshwe 15 weminyaka olahlwe ngelokudlwengula umakhelwane

by | 25 January 2025

Judge and gavel in courtroom

OWESILISA wase-Free Satet ugwetshwe iminyaka ewu-15 ebhabdla ejele ngecala lokudlwengula umakhelwane wakhe.

USechaba Mohapi (42) waseMasike ePhilendabla ngaseBloemfontein ugwetshwe iNkantolo yamacala okunukubeza ngokucansi yaseBloemfontein .

Kubikwa ukuthi owesifazane (23) ophila impilo yokuthandana nobulili obufanayo wayelibangise esitolo ukuyothenga ubisi ngomhla ka-9 kuDcember 2022 ngesikhathi uMohapi ongumakhelwane wakhe embizaela egcekeni lakwakhe ezenza ofuna ukumphathisa esitolo.

Ngokusho kokhulumela iNPA uMojalefa Senokoatsane ngesikhathi isisulu singena egcekeni safike salinda ngasemnyango njengoba uMohapi wayesangene ngaphakathi ezenza umuntu oyolanda imali ngaphakathi endlini.

Uthi ngesikhathi sisamile ngaphandle isisulu uMohapi wamubamba isandla wamdonsela ngaphakathi endlini emphoqa ngenkani wamdonsa wamphosa embhedeni.

“Wamsabisa ngombese uma ememeza noma ehayiza, wabe esemnukubeza egumbini lakhe lokuala. Ngemuva kokumnukubeza walahlela izimpahla zesisulu ngaphandle kwendlu,” kusho uSekoatsane.

Kubikwa phambilini isisulu sasike sambikela uMohapi ukuthi siphila yiphi impilo ngesikhathi esishela samchitha.

Umshushisi kuleli cala u-Azola Key utshele inkantolo akukho okungavezwa uMohapi okungaphikisana nokuthi agwetshwe iminyaka ewu-15 kuyaphezulu ngesenzo sakhe.

Ubalule ukubaluleka kokuqiniswa isandla kubasolwa abambandakanyeka emacaleni alolu hlobo njengoba esephenduke isihlava kuleli.

Ummeli wamahhali kaMohapi uzamile ukumncengela ukuthi ashaywe ngoswazi oluncane njengoba eqala ukubhekana nengalo yomthetho.

Inkantolo imgixabeze ngeminyaka ewu-15 engaphakathi ejele futhi igama lakhe lishicilelwe emabhukwini anohlu lwabantu abangabanukubezi bocansi (National Register for Sex Offenders)

Ezisematheni

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

KUMSHUBELE kwiKhomishini kaMadlanga usomabhizinisi oyamaniswa neqembu lezigebengu, uMnu Vusumuzi ‘Cat’ Matlala enqaba ukuphendula eminye imibuzo ekhala ngokuthi uzolimaza icala njengoba kusamele aphendule enkantolo ngamacala athweswe wona. UMatlala ubenqaba ukuveza...

Undunankulu unikele ngamaTower eMsinga

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli unikele ngama Wi-Fi Network Tower, emphakathini  waseSifuleni, eMsinga. Lokhu kwenzeke njengoba undunankulu ebeseMzinyathi ngoLwesithathu ngokohlelo lukahulumeni wesifundazwe lwe-Operation Sukuma sakhe obekukhona...

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

KUHLEHLE ukuqala kokuqulwa kwecala lokubulala elibhekene nowesilisa waseMandawe osolwa ngokudubula unina wengane yakhe maqede wazidubula, ngemuva kokuba umsolwa enqabe ukushuthwa ngesikhathi evele enkantolo yeMantshi eScottburgh. UMnu Sibonelo Gumede (29) ubhekene...