Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ugwetshwe 15 weminyaka olahlwe ngelokudlwengula umakhelwane

Ugwetshwe 15 weminyaka olahlwe ngelokudlwengula umakhelwane

by | 25 January 2025

Judge and gavel in courtroom

OWESILISA wase-Free Satet ugwetshwe iminyaka ewu-15 ebhabdla ejele ngecala lokudlwengula umakhelwane wakhe.

USechaba Mohapi (42) waseMasike ePhilendabla ngaseBloemfontein ugwetshwe iNkantolo yamacala okunukubeza ngokucansi yaseBloemfontein .

Kubikwa ukuthi owesifazane (23) ophila impilo yokuthandana nobulili obufanayo wayelibangise esitolo ukuyothenga ubisi ngomhla ka-9 kuDcember 2022 ngesikhathi uMohapi ongumakhelwane wakhe embizaela egcekeni lakwakhe ezenza ofuna ukumphathisa esitolo.

Ngokusho kokhulumela iNPA uMojalefa Senokoatsane ngesikhathi isisulu singena egcekeni safike salinda ngasemnyango njengoba uMohapi wayesangene ngaphakathi ezenza umuntu oyolanda imali ngaphakathi endlini.

Uthi ngesikhathi sisamile ngaphandle isisulu uMohapi wamubamba isandla wamdonsela ngaphakathi endlini emphoqa ngenkani wamdonsa wamphosa embhedeni.

“Wamsabisa ngombese uma ememeza noma ehayiza, wabe esemnukubeza egumbini lakhe lokuala. Ngemuva kokumnukubeza walahlela izimpahla zesisulu ngaphandle kwendlu,” kusho uSekoatsane.

Kubikwa phambilini isisulu sasike sambikela uMohapi ukuthi siphila yiphi impilo ngesikhathi esishela samchitha.

Umshushisi kuleli cala u-Azola Key utshele inkantolo akukho okungavezwa uMohapi okungaphikisana nokuthi agwetshwe iminyaka ewu-15 kuyaphezulu ngesenzo sakhe.

Ubalule ukubaluleka kokuqiniswa isandla kubasolwa abambandakanyeka emacaleni alolu hlobo njengoba esephenduke isihlava kuleli.

Ummeli wamahhali kaMohapi uzamile ukumncengela ukuthi ashaywe ngoswazi oluncane njengoba eqala ukubhekana nengalo yomthetho.

Inkantolo imgixabeze ngeminyaka ewu-15 engaphakathi ejele futhi igama lakhe lishicilelwe emabhukwini anohlu lwabantu abangabanukubezi bocansi (National Register for Sex Offenders)

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...