Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lahlukanisa nomkalo laphinde lamshada iphoyisa elivume icala lokumbulala

Lahlukanisa nomkalo laphinde lamshada iphoyisa elivume icala lokumbulala

by | 15 February 2026


LAHLUKANISA nenkosikazi yalo eyayingummeli, laphinde layishada zingakapheli izinyanga eziwu-6, iphoyisa likaMasipala weTheku elivume icala lokuyibulala (inkosikazi).

Lokhu kuvele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi uQiniso Sishi (40) (osesithombeni), evuma icala lokubulala uNkk Thandokuhle Sishi (48), esigamekweni esenzeka emzini wabo oseWoodhaven, eThekwini, ngoJuly 2025.

 Ngokwesitatimende esenziwe nguSishi – safundwa ngummeli, u-Adv Cyril Simphiwe Mlotshwa – uthi ubudlelwano bakhe nomufi babunodlame, kangangokuba bafaka isehlukaniso ngoNovember ka-2024, kodwa baphinde bashada ngoMay ka-2025.

Utshele inkantolo ukuthi ngosuku lwesigameko, wayehleli ethaveni yendawo nabangani bakhe, waphuza iziphuzo ezithile. 

Uthe wabe esegoduka, okuyilapho kwaqubuka khona ingxabano phakathi kwakhe nomufi.

Uthe wathatha ummese ekhishini, wagwaza umkakhe esifubeni nakwesingehla izikhawu eziningi.

“Ngesikhathi ngimgwaza, ngase nginenhloso yokumbulala. Bathi bayasondela abomndeni nomakhelwane, ngabavimba ukuba bangene, bamsize.

“Ngabe sengizisika isihlakala, ngazigwaza inxeba nasesifubeni ngenhloso yokuzibulala.

“Amaphoyisa akwazi ukusondela kimi, angiphuthumisa esibhedlela, ngelashwa,  ngathungwa izitishi eziwu-4 esifubeni, neziwu-33 esihlakaleni,” esho.

Uthe uyazisola ngesenzo sakhe, waxolisa emndenini kamufi nakomakhelwane.

 Umshushisi, u-Adv Rakesh Singh, utshele inkantolo ukuthi akavumelani nesigaba lapho umsolwa ethi uyazisola.

Uthe yize kunjalo, uyasemukela isitatimende sokuvuma icala.

Icala libe seliguqela umhla ka-17 April nonyaka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...