Ilanga News
Home 9 Featured 9 Udilikajele kowayedlwengula izingane ephindelela

Udilikajele kowayedlwengula izingane ephindelela

by | 4 September 2026

UGWETSHWE kanzima yikaNtantolo yesiFunda yaseMpangeni owesilisa owadlwengula izingane ephindelela, okubalwa kuzona umshana nendodakazi yakhe. Kubikwa ukuthi izigameko zenzeka phakathi kuka-2020 no-2022 ngesikhathi izisulu zineminyaka ewu-10 newu-5 ubudala.

Lona wesilisa wadlwengula isisulu sokuqala, okuyindodakazi yakhe kathathu ephindelela egunjini lakhe lokulala ngo-2020 nango-2022, wanukubeza nesisulu sesibili (okungumshana wakhe) ngo-2022.

Indaba yaze yavela ngesikhathi umzala wesinye sezisulu esola waya ekamelweni likayise. Umzala wangqongqoza, watshela isisulu ukuthi sibizwa wuninakhulu. Ngesikhathi kuvulwa isicabha, umzala waqaphela ukuthi izimpahla zesisulu zazinyomfozekile.

Umzala wabika udaba kunina, owabuza isisulu ngokwakwenzeka. Kubikwa ukuthi kungaleso sikhathi lapho isisulu sabhoboka ukuthi sidlwenguliwe. Kwabe sekuvela nesigameko sokunukubezwa kwesisulu sesibili.

Udaba lwabikwa emaphoyiseni kwayiswa izisulu eNgwelezane Thuthuzela Care Centre (TCC) ukuze zithole usizo. Ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo, uMshushisi u-Edwina du Plessis ubize ofakazi abayisithupha kubalwa nezisulu, nalabo ababikelwa kuqala nodokotela owazihlola.

UMbuso wethule nezitatimende zazo izisulu. Esitatimendeni sengane yomdlwenguli, ibike ukuthi kuyayimdida ukuthi wubaba onjani odlwengula ingane yakhe ayizalayo. Ithe lokhu akwenzile uyise akwemukeleki akunabo ubuntu.
Isisulu sesibili sithe besilinde ukuthi uninalume asivikele asinakekele.

Inkantolo ibe isigweba lona wesilisa udilikajele ngokudlwengula neminyaka ewu-8 ngokunukubeza ngokocansi. Inkantolo ithe izigwebo uzozidonsa kanyekanye, okusho ukuthi kuzoba wudilikajele. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe lona wesilisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu, futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...