Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izinyunyana zothisha zibongauNtuli kukhokhwa imali yezikole

Izinyunyana zothisha zibongauNtuli kukhokhwa imali yezikole

by | 9 July 2025


KAZIWUVALI umlomo izinyunyana zothisha ngokungenelela kukaNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ekuxazululeni inkinga yemali yezikole, egcine iholele ekutheni kubhikishe othisha, kwaphazamiseka ukubhalwa kwezivivinyo zokuhlolwa kwabafundi ngoNhlangulana (June).

Le mali esekunesikhathi eside kukhalwa ngayo, ngeyezindleko zezinsiza kusebenza ezikoleni, obekukhalwa ngokuthi umnyango kawuyikhokhi ngendlela efanele. Izinyunyana zothisha zithi imali ebikweletwa izikole iqalile ukukhokhwa ngoLwesithathu.

Bekufuneka u-R900 million, ukuze kuqhubeke kahle ukufunda nokufundisa. Izikole bezikhala ngokuthi zikweletwa imali yangonyaka odlule, zithi eyakulo nyaka nayo bezingakayitholi.

Eminyakeni edlule, umnyango ubufaka ingxenye yokuqala ngoNhlangulana (June), eyesibili ikhokhwe ngoMandulo (September). Okujabulisa othishanhloko muva nje, wukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, usukhokhe isikweletu kusukela ku-2023, wakhokha neyakulo nyaka ezoze igamanxele onyakeni ozayo, kuze kufinyelele kuNhlangulana.

Omunye wothishanhloko uthi kuneminyaka engaphezulu kwemihlanu kungasebenzeki ngenxa yokuthi izikole bezingakhokhelwa yonke imali yazo. Uthi uma zikhokhelwa, ibifakwa ngamancozu, kwesinye isikhathi ingafiki nhlobo, bese kuphela kanjalo.

“Sekuneminyaka eminingi kungasebenzeki. Imali ibingafiki ezikoleni. Kwesinye isikhathi umnyango ubuthi uzosithengela wona isikole izinsiza, nazo lezo zinsiza zilethwe zingaphelele.

“Lezi zinkinga beziholela ekutheni zingaphatheki izikole. Sibonga abaholi bethu bezinyunyana ngokusukumela le nkinga ebesibhekene nayo,” kusho uthishanhloko.

Ukungakhokhelwa kwezikole imali yezinsiza bekuphazamisa ukusebenza, kwabakhona izivivinyo ezingabhalwanga, esezizobhalwa uma kuvulwa izikole.

Isekela likaNobhala weSouth African Democratic Teacher’s Union (Sadtu), uMnu Jabulani Nxumalo, lithi umhlangano wabo nondunankulu uthele izithelo ezinhle.

“UNgqongqoshe wezemfundo besihlala naye imihlangano, akukho esakuzuza ngalokhu ngoba besikhala kanye naye, kodwa ngokungenelela kukandunankulu, wasitholela le mali, sekuxazululekile,” esho.

Uthi zikhona izikole ezingakayitholi imali ngenxa yokuthi azikayihambisi ngendlela efanele imigomo yezitatimende ethinta ezemali eMnyangweni wezeMfundo.

Ngakolunye uhlangothi, uNobhala weNational Teachers Union (Natu), uMnu Doctor Ngema, ubonge undunankulu ngokusukumela imfundo yesifundazwe.

“Silwela imfundo yabantwana ukuthi ibe sezingeni elifanele. Sibonga imiphakathi namalungu ethu ngokulwela le nkinga ebihlasele,” esho.

Undunankulu wesifundazwe wabuza uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukuthi ukweleta malini yezikole, wabe esethembisa ukuthi le mali (R900 million) izothathwa kweminye iminyango kahulumeni, ifakwe kowezemfundo ukuze kukhokhelwe izikole.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...