Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugence uninakhulu emsola ngokumthakatha

Ugence uninakhulu emsola ngokumthakatha

by | 22 January 2025

SIFANISWA nobulwane isigameko sowesilisa okuthiwa ugence wabulala uninakhulu, emsolwa ngokumthakatha eWelcome, KwaMhlabuyalingana.

Isidumbu sikaNkz Nolitha Biyela (70), sitholwe ngomakhelwane sinamanxeba okugencwa ngobhushu entathakusa ngoLwesine.

Lesi sigameko sinenge amalungu omphakathi nomakhelwane okuthiwa baphume inqina, bathungatha umsolwa ongumzukulu kamufi.

Umsolwa ebelisagodliwe igama lakhe kuze kube uvela phambi kweNkantolo yasoBonjeni, avume noma aphike icala, ubanjwe ngosuku lwesigameko ngamalungu omphakathi, ezama ukubalekela kwesinye sezihlobo zakhe eziseNdumo, ngaphansi kukaMasipala waseJozini.

Ngokusho kwelungu lomphakathi ebelikhona kufunwa umsolwa, ubebukeka engenakho ukuzisola ngesenzo sakhe. Kuthiwa kuthe uma ebuzwa ukuthi kungani ebulale uninakhulu, waphendula ngokuthi umbulale ngoba evela kabi emaphusheni akhe uma elele ebusuku.

“Indawo yaKwaMhlabuyalingana inesihlabathi, okwenza ukuthi kube lula ukulandela lapho umuntu enyathele khona. Naye lo mfana simthole kanjalo. Uthe uninakhulu umbulale ngoba uhlale emphupha kabi, emgilisa imikhuba emibi.

“Uthe njalo uma elele ebusuku, uyaye abone uninakhulu efana nekati elimnyama. Uthe impilo yakhe imile ngenxa yokuthakathwa nguninakhulu. Okubuhlungu esizibuza khona wukuthi uqale nini ukubona ukuthi uyathakathwa njengoba kusukela ebuncaneni bakhe lo mfana, uhlala noninakhulu.

“Le ngane yashiywa ngabazali bayo isencane, yakhuliswa yilo gogo wayo okuze kube yinamuhla nayo kayazi ukuthi uma iphuma ejele izohlala kuphi njengoba ikhaya livaliwe. Bebehlala bobabili kulo muzi.

“Lo mfana uzibulele yena ngoba ezinsukwini zanamuhla kuyisibusiso ukuba khona kwabantu abadala emakhaya ngoba kusetshenziswa impesheni yabo ukuthenga ukudla,” kusho leli lungu lomphakathi.

ILANGA lixhumane noMnu Makhubalo Lwantshi, ongumholi womphakathi, othe usola izidakamizwa ngesenzo somsolwa.

“Sithole ngemuva kwesigameko ukuthi ubedla izidakamizwa. Indawo yethu ihlaselwe yinkinga yokwanda kwezingane ezincane ezicwila ezinkambeni zikaFaro.

“Naye lo mfana ogile lo mkhuba, sikholwa wukuthi ukuhlala kwakhe ejele kungamenza abuyelwe wumqondo, abe nokuzisola ngesenzo sakhe sokubulala umuntu owamkhulisa.

“Okubi-ke wukuthi uzohlala kwabani njengoba ezibulalele yena ikhaya okuyilona obekufanele aphile kulona impilo yakhe yonke,” kuchaza uLwantshi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...