Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iziphepho zishiye kukhalwa eMzinyathi naseMgungundlovu

Iziphepho zishiye kukhalwa eMzinyathi naseMgungundlovu

by | 22 March 2026

IMEYA yaseMgeni uMnu Chris Pappas nethimba likamasipala, bahambele indawo yaseMpophomeni, ukuyohlola umonakalo odalwe yimvuma enamandla nesiphepho.

KUYAKHALWA maphakathi neKwaZulu-Natal, ngenxa yezimvula ezinamandla, neziphepho obekuhlasele ngempelasonto. Izifunda ezithintekile, ngesaseMzinyathi nesaseMgungundlovu.

Elokishini iMpophomeni, ngaphansi kukaMasipala uMngeni, eMgungundlovu, kuphephuke inqwaba yezindlu ngoLwesihlanu ebusuku. IMeya yaseMngeni, uMnu Chris Pappas, uchithe usuku lonke lwangoMgqibelo nezisebenzi zikaMasipala, bebheka umonakalo odalekile eMpophomeni. Abanye abantu abaphephukelwe yizindlu kule ndawo, bakhoseliswe emahholo omphakathi.

Endaweni yaseMbulwane, kuMasipala uMvoti (Greytown), eMzinyathi, khona izimvula ezinamandla, nezihambisana nesiphepho, kudale umonakalo ngoba kuguguleke imigwaqo, kwaphephuka nezindlu.

UMnu Themba Ngcobo, oyikhansela lendawo, uthi basizwa yithimba elibhekele izinhlekelele, elijutshwe wuMnyango wezoBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ukutholela izisulu usizo. UNgqongqoshe walo mnyango esifundazweni, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, uthe zingu-182, izindlu eziphephukile nezicekeleke phansi, ezifundeni uMzinyathi noMgungndlovu ngale mpelasonto.

“Siyayixwayisa imiphakathi yakithi ukuthi ingabi wuvanzi, njengoba izangoma zezulu ziqagula ukuthi kusazoba khona ezinye izimvula ezinamandla eziphelezelwa yiziphepho ekuqhubekeni kwesonto. Ithimba lethu elibhekele izihlekelele, sesilikhiphile ukuthi liyosiza izisulu zeziphepho ezihlasele ngempelasonto,” kusho uButhelezi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...