
KUZOCIJISWANA ngamasu okulwa nezingqinamba ezihlasele emkhakheni wezemfundo, engqungqutheleni yokukhethwa kobuholi obusha bukazwelonke benyunyana yothisha iNational Teachers Union (Natu).
Lokhu kuzokwenzeka ngoLwesithathu mhla ka-3 kuya kuLwesihlanu mhla ka-5 kwephezulu engqungqutheleni yezinsuku ezintathu yeNatu ezobanjelwa eBirchwood OR Tambo, eBoksburg eGoli. Kule ngqungquthela kuzobe kukhona uNgqongqoshe wezeMali kuzwelonke uMnu Enoch Godongwana, ozokube ekhuluma ngezemali ezithinta umkhakha wothisha nezemfundo; kube nguNgqongq-she wezeziSebenzi zoMphakathi nokuPhatha, iNkosi uMzamo Buthelezi, yena ozogxila kakhulu enkohlakalweni ethinta izisebenzi zomphakathi, ikakhulukazi kwezemfundo, neSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uDkt Reginah Mhawule.
UNobhala weNatu uMnu Doctor Ngema uthe le ngqungquthela inkulu kakhulu ngoba ihlomisa nangolwazi olusemqoka oludingwa ngothisha, ngale kokuthi kuzobe kukhethwa ubuholi obusha.
“Ukuhlangana kwamagatsha ezifundazwe zonke kusinikeza inselelo yokuthi silethe abaholi bezwe abazocobelela othisha ngomkhakha wethu wezemfundo, ikakhulukazi okuzolekelela ekukhuphuleni imfundo, nokuxwayisa ngobubi bokulimaza umkhakha wothisha,” kusho uNgema.
Le ngqungquthela izobanjelwa okokuqala ngqa ngaphandle kwaKwaZulu-Natal selokhu yasungulwa ngo-1918. UMengameli weNatu uMnu Sbusiso Malinga uthe, konke sekumi ngomumo. Uthi zonke izikhundla zizovotelwa.
“Sifuna inyunyana iholwe ngabantu abakhethwe ngentando yeningi. Sizimisele futhi ngokuthi ukhetho luqoke abantu abazokwazi ukuqinisekisa ukuthi inyunyana ayifi ezandleni zabo,” kusho uMalinga.
Uthi uma sekuvotwa, kuzovota izithunywa zamagatsha. Kule ngqungquthela zonke izifundazwe zizobe ziyingxenye yayo. Uveze ukuthi ngoLwesithathu ingqungquthela izovulwa yisekela likangqongqoshe wezemfundo, bese kuthi ngosuku lwesibili kube yizingxoxo zenyunyana, ngosuku lwesithathu kukhulume ongqongqoshe.
Ngalo futhi lolu suku (lwesithathu) kuzokhethwa abaholi abasha. Le nyunyana iholwa nguMalinga kwesobuMengameli, nguNgema kwesikanobhala ngemuva kokushona ngokuzuma kukaMnu Alan Thomspon, othathwe wukhuvethe.
mthobisis@ilanganews.co.za







