Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhekwe isinqumo ngabazohola i-ANC eKZN naseGauteng

Kubhekwe isinqumo ngabazohola i-ANC eKZN naseGauteng

by | 18 February 2025

KULINDELEKE ukuthi i-African National Congress idingide ngekusasa lobuholi bezifundazwe zayo ezimbili iGauteng neKwaZulu Natal kulandela isinqumo sesigungu esiphezulu sangenyanga eyedlule.

Isigungu saleli qembu sanquma ukwenza izinguquko zokuchibiyela ngobuholi balezi zifundazwe kulandela ukungenzi kahle okhethweni likazwelonke nolwezifundazwe lwangoMay nyakenye.

Kulezi zifundazwe i-ANC yalahlekelwa kakhulu njengoba KwaZulu Natal kwagcina kuhamba phambili i-MK Party kodwa yahluleka wukuthola ukungena kuhulumeni.

Kugcine kungena Inkatha Freedom Party eyagcina ihlanganyela nayo i-ANC , DA ne-NFP kuhulumeni waKwaZulu Natal.

EGauteng nakuba kusaphethe yona i-ANC kodwa nakhona ibusa ngokuhlanganyela namanye amaqembu.

Sekuyindaba esegudwini ukuthi i-ANC yagcina ilahlekelwa ngamavoti nasezweni lonke njengoba yagcina ihluleka wukuthola angaphezulu kwengxenye nokugcine kuholela ekutheni kusungulwe uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu.

NgoLwesithathu kulindeleke i-ANC iqhamuke namagama abaholi abazobambisana ukuphatha nokuqhuba izinhlelo zaleli qembu ezifudazweni.

Kulindeleke ukuthi kuhlanganiswe abaholi abaqhamuka esigungwini esiphezulu sikazwelonke nalabo abaqhamuka kwesiphezulu esifundazweni.

Phambilini uNobhala Jikelele waleli qembu uMnu Fikile Mbalula wakucacisa ukuthi ukuchibiyela kobuholi kulezi zifundazwe ngeke kuphazamise ukusebeza kukahulumeni njengoba zigxila kulona kuphela.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...