Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhekwe isinqumo ngabazohola i-ANC eKZN naseGauteng

Kubhekwe isinqumo ngabazohola i-ANC eKZN naseGauteng

by | 18 February 2025

KULINDELEKE ukuthi i-African National Congress idingide ngekusasa lobuholi bezifundazwe zayo ezimbili iGauteng neKwaZulu Natal kulandela isinqumo sesigungu esiphezulu sangenyanga eyedlule.

Isigungu saleli qembu sanquma ukwenza izinguquko zokuchibiyela ngobuholi balezi zifundazwe kulandela ukungenzi kahle okhethweni likazwelonke nolwezifundazwe lwangoMay nyakenye.

Kulezi zifundazwe i-ANC yalahlekelwa kakhulu njengoba KwaZulu Natal kwagcina kuhamba phambili i-MK Party kodwa yahluleka wukuthola ukungena kuhulumeni.

Kugcine kungena Inkatha Freedom Party eyagcina ihlanganyela nayo i-ANC , DA ne-NFP kuhulumeni waKwaZulu Natal.

EGauteng nakuba kusaphethe yona i-ANC kodwa nakhona ibusa ngokuhlanganyela namanye amaqembu.

Sekuyindaba esegudwini ukuthi i-ANC yagcina ilahlekelwa ngamavoti nasezweni lonke njengoba yagcina ihluleka wukuthola angaphezulu kwengxenye nokugcine kuholela ekutheni kusungulwe uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu.

NgoLwesithathu kulindeleke i-ANC iqhamuke namagama abaholi abazobambisana ukuphatha nokuqhuba izinhlelo zaleli qembu ezifudazweni.

Kulindeleke ukuthi kuhlanganiswe abaholi abaqhamuka esigungwini esiphezulu sikazwelonke nalabo abaqhamuka kwesiphezulu esifundazweni.

Phambilini uNobhala Jikelele waleli qembu uMnu Fikile Mbalula wakucacisa ukuthi ukuchibiyela kobuholi kulezi zifundazwe ngeke kuphazamise ukusebeza kukahulumeni njengoba zigxila kulona kuphela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...