Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izoqhubeka nokushicilelwa imiphumela ka-matric

Izoqhubeka nokushicilelwa imiphumela ka-matric

by | 8 January 2025

ISAZOQHUBEKA nokushicilelwa kwabezindaba imiphumela kamatikuletsheni.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yasePitoli namuhla inqume ukulukhipha ohlwini lwenkantolo udaba obelufakwe yi-Information Regulator (IR), ebithi ukushicilela imiphumela ngaphandle kwemvume yabafundi nabazali babo kuwukwephula umthetho wokugcinwa kwemininingwane yabo iyimfihlo.

Inkantolo inqume ukuthi lolu daba kaluphuthumi njengoba bekusho isicelo se-IR. Yengeze ngokuthi le nhlangazo kuzomele ikhokhele izindleko zokulalelwa kwalolu daba enkantolo, zazo zombili izinhlangothi, okubalwa noloMnyango weMfundo eyisiSekelo.

Ngaphambi kokuthi kulalelwe izethulo zabameli, ijaji uNkk Ronel Tolmay lifanise leli cala nelango-2022 lapho ijaji uMnu Anthony Millar lanquma ukuthi umnyango uyishicilele imiphumela, kodwa usebenzise izinombo zokuhlolwa kwabafundi.

Ithimba labameli be-IR lehlulekile ukuchazela inkantolo ukuthi isicelo esifakwe kulo nyaka sehluke ngani kunesango-2022, nokuthi kungani belinde isikhathi esingaka bengasiphonseli inselelo lesi sinqumo.

Imiphumela kamatikuletsheni wangonyaka odlule kubhekwe ukuba ikhishwe ngoLwesibili lomhla ka-14 kwephezulu (uMasingana).

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...