Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izoqhubeka nokushicilelwa imiphumela ka-matric

Izoqhubeka nokushicilelwa imiphumela ka-matric

by | 8 January 2025

ISAZOQHUBEKA nokushicilelwa kwabezindaba imiphumela kamatikuletsheni.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yasePitoli namuhla inqume ukulukhipha ohlwini lwenkantolo udaba obelufakwe yi-Information Regulator (IR), ebithi ukushicilela imiphumela ngaphandle kwemvume yabafundi nabazali babo kuwukwephula umthetho wokugcinwa kwemininingwane yabo iyimfihlo.

Inkantolo inqume ukuthi lolu daba kaluphuthumi njengoba bekusho isicelo se-IR. Yengeze ngokuthi le nhlangazo kuzomele ikhokhele izindleko zokulalelwa kwalolu daba enkantolo, zazo zombili izinhlangothi, okubalwa noloMnyango weMfundo eyisiSekelo.

Ngaphambi kokuthi kulalelwe izethulo zabameli, ijaji uNkk Ronel Tolmay lifanise leli cala nelango-2022 lapho ijaji uMnu Anthony Millar lanquma ukuthi umnyango uyishicilele imiphumela, kodwa usebenzise izinombo zokuhlolwa kwabafundi.

Ithimba labameli be-IR lehlulekile ukuchazela inkantolo ukuthi isicelo esifakwe kulo nyaka sehluke ngani kunesango-2022, nokuthi kungani belinde isikhathi esingaka bengasiphonseli inselelo lesi sinqumo.

Imiphumela kamatikuletsheni wangonyaka odlule kubhekwe ukuba ikhishwe ngoLwesibili lomhla ka-14 kwephezulu (uMasingana).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...