Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubekwa namuhla endlini yakhe yokugcina uRev BK Dludla

Ubekwa namuhla endlini yakhe yokugcina uRev BK Dludla

by | 15 March 2025

 

INTATHELI YELANGA

IBUSISWE wukuhanjelwa ngabaholi bezombusazwe bamaqembu ahlukene inkonzo yokwandulela ukulondolozwa kwesidumbu sikaMfu Bhekizipho Khulekani Dludla (99).

Umufi ubizelwe enkosini ngoMgqibelo owedlule emuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside. Inkonzo ibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMelmoth. UDludla ungowokuzalwa eMfanefile, eMelmoth. Wazakhela udumo ngezintshumayelo zakhe ayezethula emsakazweni womphakathi uKhozi FM. 

Likhulu kakhulu ibanga alihambile emhlabeni eshumayela ivangeli lobunye. Ungomunye wabasunguli bebandla ebelihola i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA). Wazifaka ezinhliziyweni zamalungu omphakathi ngokuba yisishoshovu esasilwela amalungelo abantu.

Phakathi kokunye ngaye kuvela ukuthi wake waba ngushansela wesikhungo sezemfundo iMangosuthu University of Technology.  Waba ngusihlalo wesigungu sesikole iNanda Seminary School. 

UDludla wayenobudlelwano bobungani nomsunguli we-IFP uMntwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

Phakathi kwabaholi abayingxenye yenkonzo yokuvaleliswa kwale ngqalabutho kubalwa uMnu Jacob Zuma owayengumongameli wakuleli futhi ongumholi weqembu lezombusazwe i-MK Party, uMnu Velenkosini Hlabisa ongumongameli we-IFP. UNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli nekhabhinethi yakhe.

Phakathi kwabanye abaholi bezenkolo abayingxenye yenkonzo kukhona uMfu Hawu Mbatha owasebenza isikhathi eside noDludla. 

Uhlelo lwenkonzo luqhutshwa nguMnu Siboniso Duma ongungqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal noMnu Mntomuhle Khawula ongungqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...