Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubekwa namuhla endlini yakhe yokugcina uRev BK Dludla

Ubekwa namuhla endlini yakhe yokugcina uRev BK Dludla

by | 15 March 2025

 

INTATHELI YELANGA

IBUSISWE wukuhanjelwa ngabaholi bezombusazwe bamaqembu ahlukene inkonzo yokwandulela ukulondolozwa kwesidumbu sikaMfu Bhekizipho Khulekani Dludla (99).

Umufi ubizelwe enkosini ngoMgqibelo owedlule emuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside. Inkonzo ibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMelmoth. UDludla ungowokuzalwa eMfanefile, eMelmoth. Wazakhela udumo ngezintshumayelo zakhe ayezethula emsakazweni womphakathi uKhozi FM. 

Likhulu kakhulu ibanga alihambile emhlabeni eshumayela ivangeli lobunye. Ungomunye wabasunguli bebandla ebelihola i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA). Wazifaka ezinhliziyweni zamalungu omphakathi ngokuba yisishoshovu esasilwela amalungelo abantu.

Phakathi kokunye ngaye kuvela ukuthi wake waba ngushansela wesikhungo sezemfundo iMangosuthu University of Technology.  Waba ngusihlalo wesigungu sesikole iNanda Seminary School. 

UDludla wayenobudlelwano bobungani nomsunguli we-IFP uMntwana wakwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

Phakathi kwabaholi abayingxenye yenkonzo yokuvaleliswa kwale ngqalabutho kubalwa uMnu Jacob Zuma owayengumongameli wakuleli futhi ongumholi weqembu lezombusazwe i-MK Party, uMnu Velenkosini Hlabisa ongumongameli we-IFP. UNdunankulu waseKZN, uMnu Thami Ntuli nekhabhinethi yakhe.

Phakathi kwabanye abaholi bezenkolo abayingxenye yenkonzo kukhona uMfu Hawu Mbatha owasebenza isikhathi eside noDludla. 

Uhlelo lwenkonzo luqhutshwa nguMnu Siboniso Duma ongungqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal noMnu Mntomuhle Khawula ongungqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...