Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izoqiniswa imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal ngenxa yobugebengu emphakathini

Izoqiniswa imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal ngenxa yobugebengu emphakathini

by | 8 May 2025

KUZOQINISWA imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal. Lesi sinyathelo siyingxenye yemizamo yokulwa nobugebengu kanye nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane. Lokhu kuvezwe uNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, uthi umkhandlu wesigungu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal sivumelene emhlanganweni waso wakamuva ukuba iqiniswe imithetho.


Undunankulu usho lokhu esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu eMgungundlovu, emuva komhlangano wekhabhinethi yesifundawe, obukhona ngoLwesithathu, lapho bebebheka futhi becubungula izinto ezahlukene ezithinta isifundazwe nabantu baKwaZulu-Natal.
UNtuli uthi inhloso yokuqinisa imithetho elawula ukudayiswa komtshwala wukuzama ukulwa nezinga eliphezulu lobugebengu kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.


Echaza ngezinto abazidingidile kule mhlangano uthe indaba yobugebengu esifundazweni yiyona abaqale ngayo.
“Udaba lokuqala (lumayelana) nemizamo yokulwa nobugebengu esifundazweni. Sikhathazekile ngezibalo zobugebengu. Kukhona amacala akhombisa ukuthi izinga lobugebengu kuwona alikafuni ukwehla, nokuhlukunyezwa ngokocansi kanye nokushayana. Kodwa kukhona amacala akhombisa ukuthi ehlile njengamacala okuzama ukubulala nokuzama ukubulala, kanye nokubamba inkunzi,” kusho uNtuli.


UNdunankulu uthi basakholwa wukuthi indaba yotshwala, namathaveni ikakhulukazi lawa ahweba ngokungemthetho, angenazo izimvume, kanye nokuhweba ngotshwala kuze kweqe emahoreni okumele kudayiswe ngawo, kunomthelela kulawa macala obugebengu abonakala eseyinkinga, yingakho bebona kufanele kuqiniswe umthetho wokudayiswa kotshwala.
Uthi amaphoyisa abika ukuthi kusukela ngoLwesihlanu lapho abantu abaningi besuke beya ebumnandini, kuya ngoMgqibelo, yilapho kwenzeka khona amacala amaningi. Uqhuba uthi kunezikhathi amaphoyisa athi amacala amaningi abikwayo ikakhulukazi awokuhlukunyezwa kwabesifazane, enzeka ngazo, okuyizikhathi ezisukela ko-12:00 (phakathi kwamabili) kuya entathakusa. Kanti kuye kuthi uma amaphoyisa ebheka ukuthi abantu basuke beqhamuka ngaphi, kubonakale ukuthi abanye basuke beqhamuka khona ezindaweni zokuphuza.


“Ngakho-ke umthetho lo owengamele ukudayiswa kotshwala uyabuyekezwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, oholwa nguMfu Musa Zondi,” kusho uMnu Ntuli.
UMnu Ntuli uveze ukuthi bahlose ukunciphisa amahora okuhweba ngotshwala, futhi baqinise nomthetho omayelana nendawo amathaveni okufanele abe kuyo, njengokuthi angasondeli kakhulu emizini yabantu, isezikoleni, kanye nasemasontweni.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...