Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izoqiniswa imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal ngenxa yobugebengu emphakathini

Izoqiniswa imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal ngenxa yobugebengu emphakathini

by | 8 May 2025

KUZOQINISWA imithetho yokudayiswa kotshwala KwaZulu-Natal. Lesi sinyathelo siyingxenye yemizamo yokulwa nobugebengu kanye nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane. Lokhu kuvezwe uNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, uthi umkhandlu wesigungu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal sivumelene emhlanganweni waso wakamuva ukuba iqiniswe imithetho.


Undunankulu usho lokhu esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu eMgungundlovu, emuva komhlangano wekhabhinethi yesifundawe, obukhona ngoLwesithathu, lapho bebebheka futhi becubungula izinto ezahlukene ezithinta isifundazwe nabantu baKwaZulu-Natal.
UNtuli uthi inhloso yokuqinisa imithetho elawula ukudayiswa komtshwala wukuzama ukulwa nezinga eliphezulu lobugebengu kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.


Echaza ngezinto abazidingidile kule mhlangano uthe indaba yobugebengu esifundazweni yiyona abaqale ngayo.
“Udaba lokuqala (lumayelana) nemizamo yokulwa nobugebengu esifundazweni. Sikhathazekile ngezibalo zobugebengu. Kukhona amacala akhombisa ukuthi izinga lobugebengu kuwona alikafuni ukwehla, nokuhlukunyezwa ngokocansi kanye nokushayana. Kodwa kukhona amacala akhombisa ukuthi ehlile njengamacala okuzama ukubulala nokuzama ukubulala, kanye nokubamba inkunzi,” kusho uNtuli.


UNdunankulu uthi basakholwa wukuthi indaba yotshwala, namathaveni ikakhulukazi lawa ahweba ngokungemthetho, angenazo izimvume, kanye nokuhweba ngotshwala kuze kweqe emahoreni okumele kudayiswe ngawo, kunomthelela kulawa macala obugebengu abonakala eseyinkinga, yingakho bebona kufanele kuqiniswe umthetho wokudayiswa kotshwala.
Uthi amaphoyisa abika ukuthi kusukela ngoLwesihlanu lapho abantu abaningi besuke beya ebumnandini, kuya ngoMgqibelo, yilapho kwenzeka khona amacala amaningi. Uqhuba uthi kunezikhathi amaphoyisa athi amacala amaningi abikwayo ikakhulukazi awokuhlukunyezwa kwabesifazane, enzeka ngazo, okuyizikhathi ezisukela ko-12:00 (phakathi kwamabili) kuya entathakusa. Kanti kuye kuthi uma amaphoyisa ebheka ukuthi abantu basuke beqhamuka ngaphi, kubonakale ukuthi abanye basuke beqhamuka khona ezindaweni zokuphuza.


“Ngakho-ke umthetho lo owengamele ukudayiswa kotshwala uyabuyekezwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, oholwa nguMfu Musa Zondi,” kusho uMnu Ntuli.
UMnu Ntuli uveze ukuthi bahlose ukunciphisa amahora okuhweba ngotshwala, futhi baqinise nomthetho omayelana nendawo amathaveni okufanele abe kuyo, njengokuthi angasondeli kakhulu emizini yabantu, isezikoleni, kanye nasemasontweni.

Ezisematheni

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuqinisekise ukuthi uyalwazi udaba lonesi abawu-3 basesibhedlela i-Appelsbosch abathathele isiguli umshwalense. Umnyango uthi uthole isikhalo emndenini wakwaMbatha obusola onesi ngokuthathela indodana yabo engasekho, uNduduzo Mbatha...

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

KUVELE ukuthi ubengumuntu womndeni futhi ehola itshe lemali emsebenzini abewenza, owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi, okuthiwa sasinezinyanga ezinhlanu sikhulelwe amawele. Lokhu kuvele ngoLwesibili...

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

UHLABA ikhwelo umnyango wezeMfundo KwaZulu, wexwayisa abafundi bakamatikuletsheni, ngokusabalala kombombayi bamaphepha asuke engakabhalwa, ezivivinyo zokuphela konyaka. Umnyango uthi abafundi ababhalayo kumele baqikelele ukuthi bayaziqhelelanisa nezinkundla...