
UZOGWETSHWA kusasa ekuseni umholi we-EFF uMnu Julius Malema olahlwe ngamacala athinta ukuqhumisa isibhamu budlabha emphakathini.
Namuhla eNkantolo yeMantshi yase-East London kuqalwe ukulalelwa kweziphakamiso ngesigwebo okumele anikwe sona. Abameli bombuso nabakaMalema bebenza iziphakamiso ngesigwebo inkantolo okumele isikhiphe.
UMalema utholwe enecala lokuqhumisa budlabha isibhamu emphakathini, esigamekweni esenzeka emcimbini we-EFF owawuseMdansane ngo-2018. Umbuso uthi uMalema kumele agwetshwe iminyaka ewu-15 ejele ngokubeka impilo yomphakathi engcupheni. Uthe njengoba bekuqulwa icala, uMalema akhombisanga ukuzisola njengoba eveze nokuthi uzophonsela inselelo nanoma yisiphi isigwebo.
Ummeli kaMalema u-Adv Thembeka Ngcukaitobi uthe ukutholakala nesibhamu akusho ukuthi sekumele ugwetshwe ukuyohlala ejele. Uthe akunabo ubulungiswa ukuthi ikilayenti lakhe kumele liphathwe njengomuntu wonke uma lishushiswa kodwa kuthiwe makwenziwe ngalo isibonelo njengomholi uma sekufanele ligwetshwe.
“Asisho ukuthi akangagwetshwa, kodwa sithi makanikwe isigwebo esilula, asikho isidingo sokuthi aye ejele,” kusho u-Adv Ngcukaitobi.
Ekhuluma nabalandeli beqembu lakhe abebephume ngobuningi ngaphandle kwenkantolo, uMalema uqhubekile nokuthi lonke leli cala yitulo le-Afri-Forum nongxiwankulu lokuphazamisa iqembu lakhe njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.
“Bangazama konke, bangifake ezinkantolo ngoba befuna ukungivala umlomo. Mhlawumbe bengangivimba mina kodwa ngeke bayivimbe imibono yami nemigomo ye-EFF, yokulwela umuntu omnyama,” esho.
Uthe unesiqiniseko sokuthi akalubhadi ejele.
“Kade ngitshela intatheli lana ukuthi kusasa kuzothi uma sebegoduka, nami ngizobe ngiya ekhaya. Asinandaba nokuthi isigwebo sizothini, kodwa sizophikisa khona lokhu ukuthi ngitholwe nginecala.”
Ubonge bonke abantu abaphumile beyomeseka njengoba ebevele enkantolo, okubalwa kubona umndeni nenkosikazi yakhe.







