Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kunxuswa amasosha ukuhlonipha umfaniswano wombutho

Kunxuswa amasosha ukuhlonipha umfaniswano wombutho

by | 7 August 2025

ISUSE umsindo ezinkundleni zokuxhumana iVideo yowesifazane ogqoke izimpahla zombutho wezokuvikela, obonakala edansa, edlubula aze abe bujwabu.

UMBUTHO wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) usukhiphe isitatimende lapho khona wexwayisa amalungu ayo ngokuziphatha budlabha uma egqoke imifaniswano yawo. 

Kulesi sitatimende esikhishwe ekomkhulu lamasosha ePitoli, kubhalwe ukuthi kuyaziwa ukuthi amalungu alo mbutho anamalungelo okwenza noma ngabe yini ngempilo yawo yangasese, okuhlanganisa nakho ukushutha izithombe nezithombe-mnyakazo (videos) kufakwe ezinkundleni zokuxhumana, kodwa kufanele akwenze lokho engakukhohlwa ukuthi angamasosha. 

Ukukhishwa kwalesi sitatimende kulandela ukusabalala kwe-video yowesifazane okukholakala ukuthi uyilungu lalo mbutho, edansa maqede akhumule izimpahla zalo mbutho, kugcine sekuvela nezingubo zangaphansi, agcine ehlubule.

Le video isuse ukukhuluma ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bazwakalisa ukukhathazeka ngokuziphatha kwamalungu alo mbutho.

Kwabanye kubuya amazwi kaMnu Bheki Cele owayengungqongqoshe wamaphoyisa kuleli, amazwi akhe agcina esephenduke ihlaya. UCele wayekhuza amaphoyisa ikakhulukazi esifazane ewabuza ukuthi afunani ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi iTik Tok elokhu evela edansa, kunokuba enze imisebenzi yokubopha izigilamkhuba. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...