Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizame ukuzibulala iphoyisa elidubule labulala intombi

Lizame ukuzibulala iphoyisa elidubule labulala intombi

by | 27 December 2024

LINGENISWE esibhedlela iphoyisa elisebenzela esiteshini i-Eldorado Park kulandela ukuzama ukuzibulala emuva kokudubula libulale intombi yalo.

Kubikwa ukuthi leli phoyisa elineminyaka ewu-42 ubudala lidubule intombi yalo eneminyaka ewu-22 ubudala emuva kwengxabano equbuke phakathi kwabo.

Ngokwesitatimende se-Indipendent Police Investigative directorate(IPID) leli phoyisa liveze isibhamu ewindini kubo kwentombi layidubula yashona.

Kuthiwa libe selibaleka endaweni yesigameko.

Amaphoyisa alithungathile okuthe uma elithola ezama ukulibopha, lazidubula kodwa langashona.

Kubikwa ukuthi lisesibhedlela ngaphansi kweso lamaphoyisa kanti kulindeleke ukuba livele enkantolo yemantshi yaseProtea ngoMsombuluko ngomhla ka-30 ku-December ngecala lokubulala.

Isibhamu elisisebenzise ngenkatih libulala intombi kuvele ukuthi ngesombebenzi

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...