
“INDABA yokudla amaphilisi, ukufunda nokusebenza, sikudela konke ngenxa yokukhonza igama likaJesu.” Lawa ngamazwi abeshiwo ngumsunguli webandla iKhaya Labafundi, uMnu Vusumuzi Sibiya (51), eDabangu, KwaMaphumulo ngesikhathi ILANGA livakashele khona.
USibiya uthi nakuba bekudelile ukudla amaphilisi, kodwa kalikho ilungu eliphoqiwe ukuwayeka, kodwa kuba yisinqumo somuntu. Ngokusho kukaSibiya, izwi likaJesu liyasho ukuthi ofuna ukuya emuva kwakhe (uJesu), makamlandele imihla ngemihla, ngakho bona njengebandla, kabaligubhi iPhasika, kodwa badumisa zikhathi zonke njengoba behleli ndawonye.
Ngesikhathi ILANGA lihambele kuleli bandla, lifice abazalwane abawu-52, kubalwa nezingane ezineminyaka kusuka kwemibili, behleli egcekeni, benesifundo ngeBhayibheli. USibiya uthe kakulula ukuhlala ngendlela abahleli ngayo.

“Ngenxa yokuthi siphumile empilweni yasezweni, siyeke konke okwezempilo (imishanguzo), ukusebenza nokugubha izinsuku ezithile, kodwa kukho konke lokhu, akekho ophoqiwe ukuba akwenze. Bonke abantu abalapha, baqondene nombuso kaNkulunkulu, futhi sonke senza umsebenzi wakhe,” esho.
Ebuzwa ukuthi njengoba beyeke okwasemhlabeni nje, ngabe imali bayayisebenzisa yini, uthe basayisebenzisa, kodwa abathembele kakhulu kukhona wukuthandaza nokuzila ukudla.
Uthe njengoba behlangene bawumndeni, akekho ongumfundisi, kodwa ubudlelwano babo bufana nobukababa nengane emndenini. Ucacise ngendaba yabazalwane abadube amaphilisi.
“Kangikaze ngithi makube khona umzalwane oyeka amaphilisi, futhi kuba yisinqumo somuntu ngamunye. Ngesikhathi okumele umzalwane athathe ngaso amaphilisi, uyaye athathe izwi lenkosi. Uzokhumbula ukuthi siphumile enqubeni-mgomo yasemhlabeni, siphila ngeyasezulwini. Kasinayo ngisho ingane efunda isikole, uma kwenzeka kuba khona ogulayo, akayiswa kudokotela, siye silalele izwi, lisho ukuthi uzosizakala kanjani.”
Abazalwane abakhulume neLANGA, bakugcizelele ukuthi kabaphoqiwe ukuba babe kuleli bandla. Bathe bashiye impilo yabo abebeyiphila, balandela le nkolo.
Phakathi kwabazalwane abakhulume neLANGA, kukhona uNkz Noluthando Ngidi (26), wase-Elandskop, eMgungundlovu, othi unokushayisana nomndeni wakhe njengoba ungaluqondi ubizo lwakhe.
“Ngineminyaka embalwa ngila, kodwa kangikutholi ukwesekwa wumndeni ngenxa yokuthi kawuluqondi ubizo lwami. Ngishiye phansi amabhizinisi ami abenza kahle. Bengilokhu ngizibuza ukuthi nginakho konke empilweni, kodwa ngizwa ukuthi kukhona okushodayo. Langa limbe enkundleni yezokuxhumana ngibona ngaleli bandla, ngavele ngazitshela ukuthi nansi into ebengishoda ngayo empilweni yami. Ngibe senginikela khona njengoba namanje ngisahleli la,” esho.
UNkz Bongikazi Mvani (22) wase-Eastern Cape, osengumabhalane kuleli bandla, uthi washiya phansi iziqu zobudokotela, ayesenza unyaka wesibili kuzona eNelson Mandela University. Uthi ngisho unina useke wafika eyobheka isimo sendawo ahleli kuyona, wafike waneliseka. Naye uthe uyophuma kule ndawo uma umoya usumyalela ukwenza njalo.
USibiya uke waba sematheni eminyakeni edlule, ngesikhathi uhulumeni uthatha izingane zakhe ezine, uzigcina ngoba wayeziyekisa isikole, ngenxa yenkolo yakhe. Ungowokuzalwa kule ndawo.
Ibandla lakhe lakhiwe eceleni kwakubo. Impilo yabo yemihla ngemihla wukuvuka balime amasimu, bese beyakhuleka. Le ndawo izungezwe ngamasimu amakhulu akhiqiza ukudla abakudlayo. Kunemfuyo abayisebenzisela ukuphila. Izingane zakhona ezincane zihamba usonto-sikole wangaphakathi, kazivumelekile ukuyofunda.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Mngadi, ngesikhathi ehambele izinkonzo zePhasika, usigxekile lesi senzo sokuyekiswa kwabantu imishanguzo. Uthe lokhu kufana nokubabulala kancane kancane. Uthe umnyango uzolusukumela lolu daba.







