Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Umqeqeshi weZimbabwe “ubhuqe” iBafana ngolukaMokoena 

Umqeqeshi weZimbabwe “ubhuqe” iBafana ngolukaMokoena 

by | 6 October 2025

INTATHELI YELANGA 

UBHUQE iNingizimu Afrika umqeqeshi weZimbabwe, uMichael Nees ngaphambi komdlalo wala mazwe wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba se-USA, eCanada naseMexico ngonyaka ozayo. IWarriors yaseZimbabwe izobhekana neBafana Bafana ngoLwesihlanu ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Sekuwumlando ukuthi iZimbabwe yiyona engosokhaya, kodwa ngenxa yokuthi izinkundla zayo kazikho ezingeni leFifa, lo mdlalo izowugijimela esibayeni sezitha.

Ekhuluma nabezindaba lo mqeqeshi waseGermany, ugudle iNingizimu Afrika ngodaka olushaywe yiSafa idlalisa uTeboho Mokoena ngesikhathi elakuleli liguqisa iLesotho ngo-2-0 ngoMarch, yize ebenamakhadi aphuzi abemphoqa ukuba eqiwe wumdlalo.

NGU-MICHAEL Nees (ofake isikipha esimnyama) ongumqeqeshi weZimbabwe. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

“Umuntu kuzofanele abheke ukuthi akekho yini umdlali onekhadi eliphuzi, kumele ngipequlule ngizanelise. Phela ngeke sazi, kumele uhlole uhlolisile. Kodwa-ke nginesiqiniseko sokuthi akekho umdlali wethu onekhadi eliphuzi,” kusho uNees.

Isigaba nesigaba seqembu leZimbabwe elizobhekana neBafana, sinomdlali ogijima eNingizimu Afrika noma owake wagijima kuleli.

Konozinti kukhona uWashington Arubi weMarumo Gallants – osanda kuphula izinhliziyo zabalandeli beMamelodi Sundowns evimba amaphenathi ayikhiphe kwiCarling Knockout – no-Elvis Chipezeze weMagesi FC. Emuva kukhona uDivine Lunga weSundowns  noTeenage Hadebe owake wagijima kwiKaizer Chiefs, esiswini kukhona uMarshall Munetsi owake wadlala kwi-Orlando Pirates, uKnowledge Musona noKhama Billiat ababegijima kwiChiefs.

Phambili kunoWalter Musona owayeyibamba kwiPolokwane City noThandolwenkosi Ngwenya ohlohlela AmaZulu FC amagoli kule sizini.

IBafana Bafana izovala le midlalo ngokubhekana neRwanda ngoLwesibili ngo-18h00, eMbombela Stadium, eMpumalanga. 

nansi imidlalo ka-group C esele:

NGOLWESIHLANU:

Zimbabwe vs South Africa 18h00

Lesotho vs Nigeria 18h00

Rwanda vs Benin 18h00

NGOLWESIBILI:

South Africa vs Rwanda 18h00

Nigeria vs Benin 18h00

Lesotho vs Zimbabwe 18h00

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...