Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kawusekho umshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

Kawusekho umshado weSilo noNdlunkulu uMaMyeni

by | 19 January 2025

KAWUSEKHO umshado obewuhleliwe phakathi kweSilo samaZulu noNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni, waseMakhonyeni, eJozini.

ILANGA liyibonile incwadi ebhalwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, izolo ngoMgqibelo.

Kule ncwadi iSilo sitshela iNhloko yoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoNdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Mkhize, ukuthi namhlanje ngo-11:00 kumele uMaMyeni abe engasenabo abaqaphi, kanjalo nezinhlelo ezihambisana nomshado obekumele zibe khona nazo zimiswe.

Isizathu iSilo sithi yingoba umshado wabo ngeke usaba khona. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesihlanu bekumele kube nomkhehlo kaMaMyeni, ekhehlwa yisona iSilo, kuthi ngeSonto langomhla ka-26 kube nongcagco.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...