Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Usaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

Usaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

by | 17 December 2024

IMIPHUMELA kamatikuletsheni isazoqhubeka nokushicilelwa emaphephandabeni nakuba kusenomdonsiswano ngokushicilelwa kwayo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyiSisekelo uMnu Elijah Mhlanga ukuqinisekisile ukuthi imiphumela kamatikuletsheni izoshicilelwa ngomhla ka-13 kuJanuwari, kanti abamaphephandaba abafisa ukuyishicilela bavumelekile ukukukwenza lokhu.

Usho lokhu nje, kusenomdonsiswano phakathi kwawo umnyango ne-Information Regulator (IR), ezama ukuvimbela umnyango ukuba ungaqhubeki nohlelo lokushicilelwa kwale miphumela emaphephandabeni.

I-IR ikholwa wukuthi ukushicilelwa kwale miphumela kwephula ilungelo lokuvikelwa kolwazi lomuntu ngokuthi lungashicilelwa ngaphandle kwemvume yakhe, elivikelwe ngaphansi komthetho obizwa ngeProtection of Personal Information Act (Popia).

UMhlanga uthi ngoLwesihlanu umnyango ufake amaphepha eNkantolo eNkulu ePretoria uphikisa umyalelo we-IR wokuba ungaqhubeki nokuyishicilela imiphumela.

UMhlanga uthi njengoba umnyango usuye enkantolo, lokho kusho ukuthi lo myalelo we-IR awukazosebenza kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...