Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Usaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

Usaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

by | 17 December 2024

IMIPHUMELA kamatikuletsheni isazoqhubeka nokushicilelwa emaphephandabeni nakuba kusenomdonsiswano ngokushicilelwa kwayo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyiSisekelo uMnu Elijah Mhlanga ukuqinisekisile ukuthi imiphumela kamatikuletsheni izoshicilelwa ngomhla ka-13 kuJanuwari, kanti abamaphephandaba abafisa ukuyishicilela bavumelekile ukukukwenza lokhu.

Usho lokhu nje, kusenomdonsiswano phakathi kwawo umnyango ne-Information Regulator (IR), ezama ukuvimbela umnyango ukuba ungaqhubeki nohlelo lokushicilelwa kwale miphumela emaphephandabeni.

I-IR ikholwa wukuthi ukushicilelwa kwale miphumela kwephula ilungelo lokuvikelwa kolwazi lomuntu ngokuthi lungashicilelwa ngaphandle kwemvume yakhe, elivikelwe ngaphansi komthetho obizwa ngeProtection of Personal Information Act (Popia).

UMhlanga uthi ngoLwesihlanu umnyango ufake amaphepha eNkantolo eNkulu ePretoria uphikisa umyalelo we-IR wokuba ungaqhubeki nokuyishicilela imiphumela.

UMhlanga uthi njengoba umnyango usuye enkantolo, lokho kusho ukuthi lo myalelo we-IR awukazosebenza kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...