
ISITHOMBE: NGU-JOHN HLONGWA
LA kukhona uthando nendlela ikhona! Lesi sisho sifakazelwa wokwenzeke ezithandanini ezitholane kuTik-Tok – owesilisa waseKenya, nowesifazane eseNingizimu Afrika – ebagcine behlangene ubuso nobuso.
Ukuvutha amalangabi kothando lwalezi zithandani esezethiwe igama likaMadelile – okuyintokazi yaseMtubatuba uNkz Skhulile Msomi, noMnu Felix “Madaraka” I’diongo waseKenya – kubuyise ithemba kwabaningi lokuthi lusekhona uthando lwangempela, olungenambandela.
Laba sebezakhele inqwaba yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuTik-Tok nakuYouTube. ILANGA livakashele uNkz Msomi esigodini sakwaNkombose, kanti uma exoxa ngothando lwabo njengoba ebelotsholwa nje ngempelasonto, kungathi ukhuluma ngefilimu thizeni.
Uthi unyaka odlule uqale enokudideka ngempilo yakhe, efisa nokuthola inkolo angakwazi ukuhambisana kahle nayo ngoba ezinye ubengazizwa kahle.
Ube eselandela abaningi ezinkundleni zokuxhumana, abanezimfundiso ezahlukene kanti uzozithela phezulu kukaMadaraka. Uthi uthande izimfundiso zakhe ezithi umuntu unokuningi kuye okumhlanganisa nemvelo, futhi imvelo ihlezi ikhuluma nabantu, kuyikhona ukuthi abaningi kabanaki.
“Kuningi engikufunde kuye, nokuthi uNkulunkulu wami ungaphakathi kimi, kanjalo nokubaluleka kokuzithanda mina kuqala, ngaphambi kokuthanda abanye abantu noma ezinye izinto. Ngaleso sikhathi ngangibuyele ekhaya ngiphuma emshadweni ongaphelanga kahle, ngizama izinto eziningi, zingaphumeleli, kodwa izimfundiso zakhe uma ngizilandela bengiba nokuthula engingakwazi ukukuchaza,” kusho yena.
Uthi ube esemthumelela umyalelo ethi ucela ukuba amfundise nokunye okumele akwazi ngezimfundiso zakhe.
“Kuphele isikhashana sixhumana, sagcina sesibona sesithandana. Ngiyacabanga ukuthi ukukhuluma, sivulelane izifuba ngezifiso zethu kanjalo nangezinkolelo zethu yikho okwenza sagcina sesizibona sesithandana,” kusho yena.
Ezinkundleni zokuxhumana sebezakhele abalandeli, okungabakuleli lizwe nabaseKenya. UNkz Msomi unqamule amazwe ebheke eKenya eyohlangana noMadaraka, wafike wahlala izinyanga ezintathu kubo kwesinqandamathe sakhe.
“Nalapha ekhaya kwakwazi umama kuphela ukuthi ngihambe hlobo luni lohambo – ubaba ngamtshela okungelona iqiniso. Abaningi bakhombisa ukungenami ngohambo lwami uma ngifika eKenya, bebona isimo uMadaraka aphila ngaphansi kwaso, kodwa mina ngangazi ukuthi uphila hlobo luni lwempilo,” kusho yena.
Kusukela beqala ukuhlangana, uthando lwabo bakhuluma ngalo, baphinde baluveze ezinkundleni zokuxhumana. Okuvelayo wukuthi kukhona abazitshela ukuthi benza lokhu ngoba befuna ukuzidonsela abalandeli nje kuphela.
“Njengoba bebaningi kangaka nje abasithandayo, kanjalo nabangasithandi, kodwa thina siyazi ukuthi senzani, ngakho-ke kakusiphazamisi lokho,” kusho yena.
Abaningi bathanda ukuthi uNkz Msomi ufike eKenya wangaziphakamisa. Lokho kwakhe isithombe esihle ngabesifazane bakuleli njengoba abakuleliya lizwe bebethi bona banesithombe esehlukile ngezintokazi zaseNingizimu Afrika.
Kanjalo nakuleli, kukhona abathole isithombe esehlukile ngabantu baseKenya. ILANGA liphinde laxoxa noyise kaNkz Msomi, uMnu Themba Msomi ongafihlanga ukuthi yena wayengayiboni kahle le nto indodakazi yakhe ezifaka kuyona.
“Noma yena ayengangitshelanga, waze wangitshela esebuya, kodwa ngibe sengikhathazeka uma ngibona impilo ephilwa ngumkhwenyana njengoba ashiya umsebenzi ngoba ethi ufuna ukulandela ubizo lwakhe. Yena sengimbonile ukuthi uhlakaniphile futhi ungowesilisa oqotho, kodwa kasifuni ukuxhamazela njengomndeni, sizoke sibabuke nje,” kusho uMnu Msomi.
NgoMgqibelo bafikile kwaMsomi abakhongi abebethunywe nguMadaraka, beyomcelela isihlobo esihle.
Ekhuluma naleli phephandaba, uthe wayezimisele ngokulobola umakoti wakhe nangaphambi kokuba babonane ubuso nobuso.
“Ngamthanda ngiqala ukumbona, ngaze ngaba nengikuboniswayo ngaye. Ngaphambi kokuba aye eKenya, ngangifuna ukuthi kuze mina, wanqaba, wathi isiko kalimvumeli ukuthi akwazi ukuba nami ngapha ekhaya. Ube esefika, wahlala izinyanga ezintathu efunda nangempilo engiyiphilayo.
“Kungijabulisile ukuthi ngigcine ngifikile eNingizimu Afrika ukuzolobola unkosikazi wami, kanti sibonga kakhulu nakubalandeli bethu abasesekayo,” kusho uMadaraka.
Njengamanje bathi izinhlelo zabo wukuthi uma sekuqediwe ngamalobolo, bashade umshado wesintu, bese beyokwenza umcimbi wokubungaza eKenya.
Bahlela nokuthi bazohlala kuwona womabili amazwe, kodwa okubalulekile kakhulu kubo wukuhambela amazwe ahlukene ezwenikazi i-Afrika, befundisa ngokubaluleka kobuntu, ukubekezelelana nokuthandana. Bahlela nokushicilela izincwadi abazibhale ngokwahlukana.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za







