Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kayisasebenziseki inkundla ebisingethe umcimbi kaMakhadzi

Kayisasebenziseki inkundla ebisingethe umcimbi kaMakhadzi

by | 26 December 2024

UMASIPALA wasePolokwane usumemezele ukuthi ngeke isaba khona kulo yaka imidlalo yeBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ngemuva kokuba le nkundla ilimale ngesikhathi kunomcibi womculi uMakhadzi ngempelasonto.

Kule nkundla bekuhlelwe ukuba kugijinywe umdlalo weSekhukhune United neMarumo Gallants ngoMgqibelo (mhla ka-28 kuZibandlela), kulandele oweMagesi FC ne-Olando Pirates ngosuku olulandelayo. Yomibili le midlalo izothuthelwa e-Old Peter Mokaba Stadium.

Ikhuluma ne-ENCA namuhla ngoLwesine, iMeya yasePolokwane uMnu John Mpe, ithe abakutholile wukuthi emcimbini kaMakhadzi, inkundla yayingamboziwe kahle phansi, njengokomgomo.

“Sizobathathela izinyathelo abahleli balo mcimbi, kanjalo nethimba labaphathi bale nkundla,” kusho imeya.

Imeya iphinde yamemezela ukuthi isimi ngomumo inkundla iSeshego Stadium, eselokishini lakhona ePolokwane. Ithe sebelinde ukuba iPSL iyihlole okokugcina, bese iyayiphasisa.

Kubhekwe ukuthi le nkundla isetshenziswe kakhulu yiMagesi FC.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...