Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kayisasebenziseki inkundla ebisingethe umcimbi kaMakhadzi

Kayisasebenziseki inkundla ebisingethe umcimbi kaMakhadzi

by | 26 December 2024

UMASIPALA wasePolokwane usumemezele ukuthi ngeke isaba khona kulo yaka imidlalo yeBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ngemuva kokuba le nkundla ilimale ngesikhathi kunomcibi womculi uMakhadzi ngempelasonto.

Kule nkundla bekuhlelwe ukuba kugijinywe umdlalo weSekhukhune United neMarumo Gallants ngoMgqibelo (mhla ka-28 kuZibandlela), kulandele oweMagesi FC ne-Olando Pirates ngosuku olulandelayo. Yomibili le midlalo izothuthelwa e-Old Peter Mokaba Stadium.

Ikhuluma ne-ENCA namuhla ngoLwesine, iMeya yasePolokwane uMnu John Mpe, ithe abakutholile wukuthi emcimbini kaMakhadzi, inkundla yayingamboziwe kahle phansi, njengokomgomo.

“Sizobathathela izinyathelo abahleli balo mcimbi, kanjalo nethimba labaphathi bale nkundla,” kusho imeya.

Imeya iphinde yamemezela ukuthi isimi ngomumo inkundla iSeshego Stadium, eselokishini lakhona ePolokwane. Ithe sebelinde ukuba iPSL iyihlole okokugcina, bese iyayiphasisa.

Kubhekwe ukuthi le nkundla isetshenziswe kakhulu yiMagesi FC.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...