
USEBENZISA ezobuchwepheshe besimanje ngendlela eyehlukile uBright Gigaba owaziwa ngelikaMr Bree ZN emculweni kulandela ukuzikhiqizela abaculi bakhe esebenzisa uhlelo lwe-AI.
UMr Bree ZN odabuka eNewlands West uqhamuke nendlela ehlukile yokukhiqiza umculo kuleli esebenzisa lolu hlobo lobuchwepheshe oselungenisa lwagamanxa empilweni yesimanje.
Usekhiqize abaculi bakhe azakhele bona okungu-Inara noRikk ZN aqale ukusebenza umculo wabo ngonyaka owedlule. Echaza ngokuthatha leli gxathu emculweni uthe isikhathi okuphilwa ngaso siyaphoqa ukuthi ubuchwepheshe besimanje buphendulwe indlela yokuphila.
“Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi ubuchwepheshe sebuyimpilo yethu ngakho kunokuthi silokhu siziqhelisa kubona kodwa sibusondeze kithina sibone ukuthi singazuza kanjani ngabo,” kusho uMr Bree ZN ozichaze njengosenesikhathi eebenzis ubuchwepheshe empilweni yakhe.

Uthe uqale ukuzakhela laba baculi ngemuva kokuxoxisana nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-13 ubudala uQhawekazi Gigaba.
“Indodakazi yami yangibuza ngenye yezingoma ebidumile nje ngathi uma ngiyilalela ngayitshela ukuthi kusetshenziswe i-AI kuyona yangangikholwa. Yilapho ngakhetha ukuthi ngizifundise ngabheka izindlela zokusebenzisa i-AI ngabe sengiqala ukuzakhela laba baculi ngenhloso yokuyifundisa ngobuchwepheshe besimanje,” kuchaza yena.
Uthe uqale lapho ke ukuthi asebenzisane nendodakazi yakhe bazakhela laba baculi njengoba u-Inara ecula umculo wesimanje ohambisana nabantu abasebasha kanti uRikk ZN ugxile kulabo abathe ukukhula kancane.
Uthe u-Inara ucula kakhulu i-hip hop, R&B kanti muva nje basanda kumfaka nakwikwato. Ngakolunye uhlangothi uRikk ZN yena ucula i-R&B ne-slow jam.
Echaza ngohlelo lokubahlelela izingoma uthe basebenzisa ubuchwepheshe obubizwa ngeChat GPT okuyibona obumhlelela izinhlamvu zezingoma.

“Thina esikwenza sibeka umbono wokuthi sifisa ingoma izwakale kanjani futhi ikhuluma ngani bese lobu buchwepheshe busihlelele kahle kuzwakele ngendlela eqondile,” kusho uMr Bree eveza ukuthi uyazama nokuzifakela izinhlamvu zesiZulu ezingomeni ukuze izwakale njengayaseMzansi ingazwakali njengeyaphesheya kwezilwandle.
Uthe u-Inara usenama-albhamu asewakhiphile ngaphnsi kwegama lakhe njengoba eyakamuva ibizwa ngokuthi The Unspoken Timeline kanti uRikk une-albhamu eyodwa ebizwa ngeCafe Deluxe nama-EP ahlukene.
Utshele ILANGA ukuthi okuhle wukuthi la ma-albhamu nezingoba zabaculi bakhe seziyatholakala kuzona zonke izinkundla ezithengiswa ngomculo.
Udalule ukuthi izingqinamba asahlangabezana nazo wukuthi izingoma zabo zidlalwe emsakazweni njengoba usawumdanti ukuzibhalisa ngokusemthethweni kwaSmaro nakwezinye izinkundla ezigunyazwa ukudlalwa komculo.
UMr Bree ZN uthe naye akazibekile phansi njengoba esaqhubeka nokukhiqiza izingoma ngaphansi kwegama lakhe njengoba esebe kulo mkhakha kusukela ngo-2005 kanti yena ugxile kwisigqi se-deep house.

Uthe ubuchwepheshe besimanje buyamvumela ukuthi akwazi ukusebenza ngalolu hlobo njengoba kuyimanje ematasa ebakhela ama-music video ngenhloso yokuthi atholakale kwi-YouTube njengoba enesiteshi sakhe kulolu hlobo lukamabonakude.
“Ngokuhamba kwesikhathi kungenzeka siqhamuke nefilimu sisebenzisa bona ubuchwepheshe be-AI,” kusho uMr Bree ZN othe la maciko akhe asenazo nezinkundla zokuxhumana ngakho abantu bangakwazi nokulandela konke okuwathintayo nomculo wawo.
ILANGA lithole ukuthi lobu buchwepheshe sebande kakhulu kwamanje amazwe njengoba sezikhona izingoma ezidumo ezinkundleni zokuxhumana eziculwa ngabaculi abakhiwe i-AI futhi kukhona nabanye ababonakala ezinkundleni zokuxhumana kungathi ngabantu bangempela kanti bakhiwe yilobu buchwepheshe.
Abanye basebenzisa lobu buchwepheshe ukuqola abantu ezinkundleni zokuxhumana njengoba bezenza abesimame abahehayo ngenhloso yokuqhuba ubugebengu.
UMnu Sandile Ngema oyiPhini likaSihlalo we-KZN AI Foundation ukushayele ihlombe okwenziwa uMr Bree ZN njengoba eveze ukuthi yikhona lokhu abakukhuthazayo njengenhlangano.
“Siyafisa nabanye basike iphethini bangayibalekeli i-AI kodwa bayisebenzise ngendlela yokubathuthukisa ngoba iza namathuba amaningi abangaziphilisa ngawo,” kusho uNgema.
Ube esekhipha isexwayiso ukuthi nakuba bekukhuthaza ukusetshenziswa kwe-AI ngendlela yokubathuthukisa kodwa bayilandele imigudu efanele futhi baqaphele “nongoma uyayona” abafuna ukusebenzisa lobu buchwepheshe ngenhloso yokuqola abantu.







