
KUHLUKENE imibono emphakathini waseNkandla ngesiphakamiso sikamaspala wendawo ohlongoza ukushintsha igama lawo, uqanjwe kabusha ngenkosi yesizwe sakwaBiyela eMahlayizeni eNkandla iNkosi Bhekizwe Biyela (esesithombeni).
Umasipala waseNkandla uphakamisa ukuthi usufuna ukubizwa ngokuthi “Inkosi Bhekizwe Biyela Local Municipality”.
Isaziso sesikhishiwe emphakathini ukuze umphakathi ubeke imibono yawo ngalokhu okuhlongozwayo.
Okuhlukanisa phakathi imibono yabantu ngukuthi umaspala wakhiwe ngaphansi kwesizwe sakwaShezi.
Bathi inkosi uSgananda inomlando omude wokulwela iNkandla akufanele umaspala uqanjwe ngenye inkosi endaweni yenye inkosi.
Abanye bancoma lesi siphakamiso bathi inkosi yakwaBiyela iyinqolobane yamagugu omlando wobukhosi esifundazweni ngenxa yokuhola isikhathi eside ubukhosi.

Baveza ukuthi kuyifanele ukuhlonishwa ngale ndlela ephakanyiswe wumkhandlu wamakhansela.
Okhulumela umasipala waseNkandla uNkz Bongiwe Zuma, uqinisekisile ukuthi umphakathi uvulelwe ithuba lokuthumela imibono yawo.
Ukuthunyelwa kwemibono ebhalwe phansi kuzovalwa mhlaka-23 kulenyanga.
Kuthunyelwa ama-email kule ethi :info@nkandla.gov.za noma incwadi eposiwe ekhelini elithi Municipal Manager Private Bag x161 Nkandla 3855.
Umphakathi uvunyelwe ukuba imibono uyihambise nakamaspala. Kuhlelwe nezikhungo nezinsuku umphakathi ozohlanganyela kuzona wethule imibono kusukela mhlaka-15 kuya kumhlaka-5 wenyanga ezayo.







