Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlukene imibono ngesokushintshwa kwegama likaMasipala waseNkandla

Kuhlukene imibono ngesokushintshwa kwegama likaMasipala waseNkandla

by | 11 September 2026

KUHLUKENE imibono emphakathini waseNkandla ngesiphakamiso sikamaspala wendawo ohlongoza ukushintsha igama lawo, uqanjwe kabusha ngenkosi yesizwe sakwaBiyela eMahlayizeni eNkandla iNkosi Bhekizwe Biyela (esesithombeni).

Umasipala waseNkandla uphakamisa ukuthi usufuna ukubizwa ngokuthi “Inkosi Bhekizwe Biyela Local Municipality”.

Isaziso sesikhishiwe emphakathini ukuze umphakathi ubeke imibono yawo ngalokhu okuhlongozwayo.

Okuhlukanisa phakathi imibono yabantu ngukuthi umaspala wakhiwe ngaphansi kwesizwe sakwaShezi.

Bathi inkosi uSgananda inomlando omude wokulwela iNkandla akufanele umaspala uqanjwe ngenye inkosi endaweni yenye inkosi.

Abanye bancoma lesi siphakamiso bathi inkosi yakwaBiyela iyinqolobane yamagugu omlando wobukhosi esifundazweni ngenxa yokuhola isikhathi eside ubukhosi.

Baveza ukuthi kuyifanele ukuhlonishwa ngale ndlela ephakanyiswe wumkhandlu wamakhansela.

Okhulumela umasipala waseNkandla uNkz Bongiwe Zuma, uqinisekisile ukuthi umphakathi uvulelwe ithuba lokuthumela imibono yawo.

Ukuthunyelwa kwemibono ebhalwe phansi kuzovalwa mhlaka-23 kulenyanga.

Kuthunyelwa ama-email kule ethi :info@nkandla.gov.za noma incwadi eposiwe ekhelini elithi Municipal Manager Private Bag x161 Nkandla 3855.

Umphakathi uvunyelwe ukuba imibono uyihambise nakamaspala. Kuhlelwe nezikhungo nezinsuku umphakathi ozohlanganyela kuzona wethule imibono kusukela mhlaka-15 kuya kumhlaka-5 wenyanga ezayo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...