Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubongwe ukuzinikela kwamanesi emsebenzini wawo

Kubongwe ukuzinikela kwamanesi emsebenzini wawo

by | 25 March 2025

WETHEMBISE ukuphucula izimo amanesi asebenza ngaphansi kwazo uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo engqungqutheleni yeDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) eqhubekayo eBirchwood Hotel, eBoksburg, eGoli.

URamaphosa uthe kwisabelomali sakulo nyaka (esingakaphasiswa) buhulumeni awuholayo ukhethe ukuthi kunokuyehlisa, uyenyuse imali oyabela uMnyango wezeMpilo ukuze kuqashwe amanesi nodokotela, futhi kwandiswe ingqalasizinda yezempilo.

“Sizokwakha izibhedlela nemitholampilo ukuze kuthuthuke ezempilo ngoba ziyilungelo lawo wonke umuntu ngaphansi kwenqubo yentando yeningi, futhi zibalulekile ekugcineni isithunzi somuntu,” esho.

Ukhale ngokushoda kwamanesi esibhedlela zakuleli.

“Kwezinye zezinto kungenzeka ukuthi abantu abasawuboni uyidlelo eliluhlaza umkhakha wobuhlengikazi. Okunye wukuthi kuthatha isikhathi ukuthola izisifiketi zokusebenza.”

Lo mcimbi uqalwe ngokuhlonipha ngomzuzu wokuthula onesi abalahlekelwa yimpilo yabo ngesikhathi kubheduka iCovid-19 ngo-2020. URamaphosa ubonge amanesi ngokuzinikela kwawo emsebenzini wawo.

Unxuse iDenosa ukuqinisekisa ukuthi ziyanda izikhungo zokuqeqeshelwa ubuhlengikazi ngoba amanesi azobamba iqhaza elikhulu ukuqinisekisa ukuthi uba yimpumelelo umshwalense wempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI).

“Amanesi awumgogodla wezwe elinakekela kahle abantu balo. Sizothembeka ekuzinikeleni kwawo ukuze ibe yimpumelelo iNHI,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...