Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubongwe ukuzinikela kwamanesi emsebenzini wawo

Kubongwe ukuzinikela kwamanesi emsebenzini wawo

by | 25 March 2025

WETHEMBISE ukuphucula izimo amanesi asebenza ngaphansi kwazo uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo engqungqutheleni yeDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) eqhubekayo eBirchwood Hotel, eBoksburg, eGoli.

URamaphosa uthe kwisabelomali sakulo nyaka (esingakaphasiswa) buhulumeni awuholayo ukhethe ukuthi kunokuyehlisa, uyenyuse imali oyabela uMnyango wezeMpilo ukuze kuqashwe amanesi nodokotela, futhi kwandiswe ingqalasizinda yezempilo.

“Sizokwakha izibhedlela nemitholampilo ukuze kuthuthuke ezempilo ngoba ziyilungelo lawo wonke umuntu ngaphansi kwenqubo yentando yeningi, futhi zibalulekile ekugcineni isithunzi somuntu,” esho.

Ukhale ngokushoda kwamanesi esibhedlela zakuleli.

“Kwezinye zezinto kungenzeka ukuthi abantu abasawuboni uyidlelo eliluhlaza umkhakha wobuhlengikazi. Okunye wukuthi kuthatha isikhathi ukuthola izisifiketi zokusebenza.”

Lo mcimbi uqalwe ngokuhlonipha ngomzuzu wokuthula onesi abalahlekelwa yimpilo yabo ngesikhathi kubheduka iCovid-19 ngo-2020. URamaphosa ubonge amanesi ngokuzinikela kwawo emsebenzini wawo.

Unxuse iDenosa ukuqinisekisa ukuthi ziyanda izikhungo zokuqeqeshelwa ubuhlengikazi ngoba amanesi azobamba iqhaza elikhulu ukuqinisekisa ukuthi uba yimpumelelo umshwalense wempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI).

“Amanesi awumgogodla wezwe elinakekela kahle abantu balo. Sizothembeka ekuzinikeleni kwawo ukuze ibe yimpumelelo iNHI,” esho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...