Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMkhwanazi ukhathazekile ngamaphoyisa “angcolile”

UMkhwanazi ukhathazekile ngamaphoyisa “angcolile”

by | 2 January 2026

UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi usezwakalise ukukhathazeka ngamaphoyisa angcolile athinteka ebugebengwini kulesi sifundazwe.

UMkhwanazi ngosuku lukaNcibijane uhambele ebhishi laseThekwini noNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli ukuyohlola isimo nokuqinisekisa ezophepha kwezivakashi ngalolu suku.

Ekhuluma nabezindaba uMkhwanazi uveze ukuthi nakuba besemkhankasweni wokulwa nobugebengu kulesi sifundazwe kodwa kuyakhathaza ukuthi kunozakwabo abathintekayo ezenzweni ezingcolile.

UMkhwanazi ukusho lokhu kulandela ukuboshwa kwephoyisa ngezinsolo zokubamba inkunzi kanti kulandela nokuboshwa namanye amaphoyisa aboshiwe ngesikhathi samaholidi athinteka ebugebengwini.

Uthe kuyakhathaza ukuthi kumele sibophe abanye bethu ngesikhathi lapho kumele ngabe sibambisene nabo ekulweni nobugebengu.

Uthe la maphoyisa aboshiwe aboshwe ngezinsolo ezahlukene okubalwa kuzo ukushayela ephuze utshwala kuya ekubambeni inkunzi.

Uthe elinye iphoyisa eliboshwe liboshelwe ukubamba inkunzi esitolo nokuthumba umuntu.

Uqhube ngokuthi okukhathaza kakhulu wukuthi leli phoyisa belisebenzisa isibhamu somsebenzi ukwenza lobu bugebengu.

Ukubeke kwacaca ukuthi bakuthathela phezulu ukuboshwa kwala maphoyisa njengoba kumele ajaze ngokweqile.

Khona manjalo uMkhwanazi uphinde waveza ukuthi amaphoyisa asebenza ngokuphindiwe ukuqinisekisa ukuthi abathinteka ekubulaweni kwephoyisa KwaMashu bayaboshwa futhi babhekana nengalo yomthetho.

Iphoyisa uConstable Mpendulo Ndlovu wadutshulwa wabulawa KwaMashu ngosuku lukaKhisimusi.

Uthe kuyishwa ukuthi labo okumele ngabo bavikela ubugebengu esifundazweni nabo babhekana nabo futhi baze babulawe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...