Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ungqongqoshe uzovakashela imindeni yamaphoyisa abulawe kweqa isiboshwa

Ungqongqoshe uzovakashela imindeni yamaphoyisa abulawe kweqa isiboshwa

by | 10 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnu FIroz Cachalia esesiteshini samaphoyisa saseRoodepoort, lapho ebesebenza khona amaphoyisa abulewe.

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa obambile uMnu Firoz Cachalia namuhla uzovakashela imindeni yamaphoyisa amabili abulawe esemsebenzini, ehambisa isiboshwa ebesibuya kovela eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort, eGauteng, ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa asekhiphe umehlokaboni ka-R150 000 kumuntu ongaba nolwazi ngomkhondo womsolwa uJabulani Thabang Moyo, nomunye asolwa naye ngalesi sigameko sokubulawa kwamaphoyisa.

NGUJABULANI Thabang Moyo.


Kulesi sigameko esenzeke enkabeni yedolobha iRoodepoort, kuthiwa amaphoyisa adutshuliwe, ase ephucwa izibhamu zawo zomsebenzi.

Kusolwa ukuthi uMoyo ube esebaleka ngayo imoto yamaphoyisa, etholwe isishiyiwe ndawana thize. UMoyo uyanyaniswa nesigameko sokubamba inkunzi ibhizinisi ngoNhlolanja (February) ka-2023.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...