
KUBANJWE umoya ngendaba yesabelomali sikazwelonke, esethulwa ngomhla ka-12 kuNdasa (March) nguMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali, okufanele sivotelwe ePhalamende namuhla ngoLwesithathu.
Kuphakathi kokuba lesi sabelomali siphasiswe noma sichithwe ngevoti. Indaba enkulu equbule ukukhuluma ngalesi sabelomali, yisiphakamiso sikaGodongwana sokuba kwenyuswe intela ekhokhwa ezimpahleni, phecelezi iValue Added Tax (VAT), ngo-0.5% nonyaka, iphinde nangonyaka ozayo yenyuswe ngo-0.5%, okuzokwenza ukuthi eminyakeni emibili yenyuke ngo-1%.
UMnu Cyril Ramaphosa ekhuluma njengomengameli we-African National Congress (ANC) emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC, iNational Executive Committee (NEC), eBirchwood Conference Centre, eBoksburg, eGauteng, uthe akanalo uvalo, isabelomali sizophasiswa.
Amaqembu akuhulumeni obuswa ngokuhlanganyela (Government of National Unity – GNU), ahlukene phakathi ngalesi sabelomali esethulwa nguGodongwana.
Amaqembu aphikisayo ePhalamende, iMKP, i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-Action SA, asephumele obala athi ngeke akweseke ukuphasiswa kwalesi sabelomali. Akhala ngokuthi yenyuswa kanjani intela yokuthenga, ekubeni abantu besadla imbuya ngothi.
Kubikwa ukuthi iDemocratic Alliance (DA) ibeke umbandela wokuthi makubuyekezwe udaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ukuze yeseke ukuphasiswa kwesabelomali.
Umhlaziyi wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi uma i-ANC ingabuyekezi izinto okukhalwa ngazo kwisabelomali, izoqhubeka nokulahlekelwa wukwesekwa.
“Njengoba kuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo, amaqembu aphikisayo azokhankasa ngokuthi i-ANC ivotelelwani ekubeni yenyuse intela ebantwini abahluphekayo.
“I-ANC uma izimisele ngokwethenjwa, mayinciphise isibalo songqongqoshe abakwikhabhinethi. Kasikho isidingo samaphini ongqongqoshe ngoba ngisho noma ungqongqoshe othile engekho, amaphini kawabambi, kodwa kukhethwa omunye ungqongqoshe.
“Uma kuqhubeka lo mdonsiswano wokuphasisa isabelomali, impilo izoma njengoba neminyango ingeke ikwazi ukwethula ezawo izabelomali.
“Kunesidingo futhi sokuthi kuncishiswe izisebenzi zikahulumeni ngoba ezinye zazo ziyalova, ziqhuba inkohlakalo, ezinye ziyakhwabanisa,” kuhlaziya uNdlovu.
menzi.jele@ilanganews.co.za