IMPOPHOMA YOMNDENI noSOLWAZI BHEDLINDABA “VVO” MKHIZE

UMUZI wesintu sewakhiwe, sekufanele uphathwe ngendlela efanelekile nekuyiyona. Ekuphathweni kwawo, kufanele ube yikhaya elithokomele lokwakha abantwana babe ngabantu nesizwe, nemikhosi efanelekile ukuze igcinelwe khona. Ukuphathwake komuzi kusho inhlonipho nentobeko enkulu, ngoba kusuke kungewona owalabo abawakhile, kodwa kungowabaphansi.Â
Inhlonipho yomuzi singayihlukanisa izigaba ezintathu: ukuhlonishwa komthetho nesiko, kuhlonishwe abaphansi, kuhlonishwe inhloko yomuzi nalabo ebambisene nabo. Umthetho nesiko kusho isinqumo esithile esithathwe noma esenziwe yinkosi yasimemezela ebandla, nakubantu bonke ukuba basigcine, basilandele, kuthi noma beseqile noma besephulile, bajeziswe.Isiko lona lisho umkhuba noma ukwenza okuthile osekujwayelekile ebantwini abaningi bamaZulu osekunesikhathi eside kwenziwa osekuze kwamukeleka njengomthetho.
Umuzi-ke wesintu wawehlukaniseka izigaba ngezigaba. Umuzi ububa nothango, igceke, isibaya Lokhu kuwela ngaphansi komthetho nesiko. Kwakuthi noma ngabe uficwe yizulu, noma ngabe uhujwa yizitha, ngeke wangena ngenhla noma ufohle uthango lomuzi, kepha ungena ngesango. Izintuba zikhona, kepha zingena ziphume abasekhaya kuphela.  Isihambi besikhuleka esangweni ngaphandle komuzi, bese sikhuphukela ngasesandleni sokuphonsa, size siyofika endlini leyo esiya kuyona, siphinde sikhuleke kuze kuvele ozosamukela, asingenise.Â
Bekungafohlwa ngoba uthango belusho lukhulu emzini womnumnzane. Uma usungenile ungumuntu emzini womnumzane, okufanele ukuqonde wukuthi usungaphakathi egcekeni lomuzi okunemithetho nenqubo yakhona. Okokuqala ngegceke kwabasekhaya, amanzi kawasakazwa ebaleni elingaphambi kwezindlu. Lokhu bekwaziwa ngokuthi kubanga umphezulu. Ngakho achithwa othangweni noma emva kwezindlu ngesinono.
Uma kuhlatshiwe, kwenziwa umsebenzi, omakoti kabalokothi bahambe phambi kwezindlu, kepha bahamba ngemuva. Kanjalo nentombi eqomile emzini lowo iyalihlonipha igceke, ihambe emva kwezindlu. Abesifazane akufanele bampongoloze egcekeni lomuzi ngoba lokho kungukungahloniphi izidalwa ezilele kulelo gceke. Ukhumbule amathuna ayeba ezansi phambi kwezindlu, okwabe nakho kuligceke.
Isivakashi leso esingenisiswe naso kufanele sithobele lowo mthetho-ke wesintu nesiko kulo muzi. Umuzi-ke bewuba ngumuzi ngezinkomo nemfuyo eyehlukene, konke kulala esibayeni. Isibaya yisona ebesitshengisa amandla omnumzane nokuvuma kwezidalwa zakulo muzi. Besihlonishwa-ke isibaya ngobisi lwaso lwezinkomo, ubulongwe bazo, nenyama yazo. Uma kuhlinzwa, kwakuhlonishwa inyama uma isiphuma, ingeqiswa ngothango lwesibaya, kodwa iphuma ngesango.
Isibaya sasiwukhiye, kulapho umnumzane ayekholelwa ukuthi uma sekonakele ekhaya, ahambe ayokhuluma khona noyisemkhulu, abhule ulaka olwabe lungaqondakali luvelaphi. Isibaya kulapho kwakubonakala khona intukuthelo yezidalwa uma kukhona lapho umndeni sewone khona. Kwakuthi noma sekuhlatshiwe, kulapho kwakuhlanganela khona amadoda ezokudla inhloko, kugidwe ngoba kujatshuliswa ithongo lasekhaya. Isibaya sasiwukhiye wakho konke.
Uma sikhuluma ngomuzi, kasikhulumi ngeqhanqalala lapho kungakhiwe khona lutho, kodwa sikhuluma ngezindlu ezakhiwe kulona lelo gceke. Umuzi-ke wabe unezindlu ezehlukehlukene. Kukhona izindlu-ke ezithize ezabe zihlonishwa emzini. Uma umnumzane eqala akha umuzi, uqala ngendlu kanina. Yiyona ndlu leyo eyayihlonishwa kakhulu. Yile ndlu namhlanje esiyibiza ngokuthi ikwagogo noma yikhishi. Omunye angabuza athi ekayise pho?Â
Impendulo ilula. Uma indoda-na kababa isiphuma inxiwa layo, uyise esala enxiweni elidala, unina uphuma nayo. Lokhu-ke okusemqoka ukuba akhelwe indlu yakhe. Sekwaba lisiko ngisho esashona ifike yakhiwe le ndlu, bese iba lixhiba lasendlunkulu. Kulapho kuqhamuka indlu okuthiwa lixhiba. Indlu yesibili ngokubaluleka indlunkulu. Lena yiyona eyinhloko yomuzi. Yindlu yomnumzane. Owesifazane akangenangeni kuyo.Â
Kungena oyindlunkulu, naye ngokuzoshanela asinde, alungise. Kukulendlu lapho kugcinwa khona umkhonto walapha ekhaya ohlaba izinkomo zemisebenzi yabaphansi. Kukulendlu lapho kubekwa khona inyama uma kuhlatshiwe. Kukulendlu lapho umnumzane uma kukhona okumhlukumezile, elala khona elokhu ekhuluma nabaphansi, edamame ephalaza ngentelezi ukuze kuqonde izindlela zakhe. Abaphansi, okungabanikazi bomuzi, sizokubheka engxenyeni elandelayo.







