Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzobuyela ngoLwesibili oluzayo oyanyaniswa nokubulala uDJ Warras

Uzobuyela ngoLwesibili oluzayo oyanyaniswa nokubulala uDJ Warras

by | 6 January 2026

LIGUQELE uLwesibili oluzayo icala elibhekene noMnu Victor Majola (44), oyanyaniswa nokubulala usaziwayo uWarrick “Dj Warras” Stock.

UMajola, obhekene namacala amabili okungelokubulala nokwakha itulo lokubulala ubevele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseGoli, lapho obekulindeleke khona ukuba afake isicelo sebheyili, kodwa kwangenzeka, umbuso ufaka isicelo sokuba lihlehle icala.

UMajola usolwa ngokumdubula abulale uDj Warras, owadutshulwa ngenyanga eyedlule nekabeni yedolobha laseGoli, okwabe sekuvela izinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomsebenzi owawenziwa yinkampani yakhe yonogada eyayiqaphe amabhilidi ekuhleliwe kuwo ngokungekho emthethweni kuleli dolobha.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uNkk Nicole Stock-Mabuza ongudadewabo uthi umndeni uzolinda umthetho udlale indima yayo.

“Umthetho uthi umuntu umsulwa aze atholakalale enecala. Sizolinda ubufakazi obuzovela ngaphambi kokuthi sikholwe ukuthi uye ngempela onesandla ekubulaweni komfowethu,” esho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...