Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzobuyela ngoLwesibili oluzayo oyanyaniswa nokubulala uDJ Warras

Uzobuyela ngoLwesibili oluzayo oyanyaniswa nokubulala uDJ Warras

by | 6 January 2026

LIGUQELE uLwesibili oluzayo icala elibhekene noMnu Victor Majola (44), oyanyaniswa nokubulala usaziwayo uWarrick “Dj Warras” Stock.

UMajola, obhekene namacala amabili okungelokubulala nokwakha itulo lokubulala ubevele namuhla eNkantolo yeMantshi yaseGoli, lapho obekulindeleke khona ukuba afake isicelo sebheyili, kodwa kwangenzeka, umbuso ufaka isicelo sokuba lihlehle icala.

UMajola usolwa ngokumdubula abulale uDj Warras, owadutshulwa ngenyanga eyedlule nekabeni yedolobha laseGoli, okwabe sekuvela izinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomsebenzi owawenziwa yinkampani yakhe yonogada eyayiqaphe amabhilidi ekuhleliwe kuwo ngokungekho emthethweni kuleli dolobha.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uNkk Nicole Stock-Mabuza ongudadewabo uthi umndeni uzolinda umthetho udlale indima yayo.

“Umthetho uthi umuntu umsulwa aze atholakalale enecala. Sizolinda ubufakazi obuzovela ngaphambi kokuthi sikholwe ukuthi uye ngempela onesandla ekubulaweni komfowethu,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...