Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kube injabulo isosha linqatshelwa ibheyili

Kube injabulo isosha linqatshelwa ibheyili

by | 16 May 2025

KUQHUME umkikizo, kwasho amakhwelo enjabulo kumalungu omphakathi eMlazi ngesikhathi isosha elisolwa ngokubulala owesifazane abashayelisana kabi, linqatshelwa ibheyili. Amalungu omphakathi nomndeni kaNkz Zandile Mnomiya, owadutshulwa wabulawa esigamekweni esenzeka ziwu-15 kuNdasa (March), ahlulekile ukuzibamba yinjabulo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eMlazi ngemuva kokuba inkantolo iqabele uMnu Mboniseni Zilozi ibheyili.


ILANGA selibike izikhawu eziningi ngalolu daba nalapho kwavela ukuthi umufi noZilozi kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo emuva kokuba beshayelisane kabi. Umufi wehlela yilo mshophi ephuma kubo esigcemeni sakwa P, ebheke emzini wakhe kwa-Z. Kwasuka ingxabano phakathi kukamufi nomsolwa ngemuva kokushaylisana kabi wabe esedonsa isibhamu wamdubula, maqede washaya wachitha endaweni yesigameko, umufi washonela khona lapho.

Ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili, umphenyi wecala waveza ukuthi endaweni yesigameko bathola uphaqa okusolwa ukuthi washiywa ngumsolwa. Uphaqa wakubo kwalona umseshi waveza ukuthi watholakala emzini wakhe umsolwa kulandela ukuboshwa kwakhe. Nemoto okusolwa ukuthi wayehamba ngayo ngosuku lwesigameko, umseshi waveza ukuthi yatholwa komakhenikha iyolunguswa kapho eyayishayise khona nekamufi.

Izolo ngoLwesine, inkantolo ibigcwele amalungu omphakathi abelokhu ewuseke njalo umndeni wakwaMnomiya, kusukela kuqale ukulalelwa kwesicelo sebheyili. UNkz Ntombifuthi Mnomyisa, uthe bengumndeni bajabule kakhulu ngesinqumo senkantolo, lokhu kubuyise ithemba kubona ngokusebenza komthetho.

“Ngihluleka nokuchaza indlela esijabule ngayo, lokhu kukhomba khona ukuthi umthetho uyasebenza. Sibonga kakhulu nakumalungu omphakathi ngokuseseka,” kusho yena.
Icala libe selihlehliselwa umhla ziwu-6 kuNhlangulana kuyona inkantolo yaseMlazi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...