Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 OweBotswana uveza okwenza uBroos ‘athande’ umgadli weBucs kunoweDowns

OweBotswana uveza okwenza uBroos ‘athande’ umgadli weBucs kunoweDowns

by | 24 November 2025

INTATHELI YELANGA

UMQEQESHI weqembu lesizwe laseBotswana, uMorena Ramoreboli, uveza okwenza umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ancamele umdlali we-Orlando Pirates, u-Evidence Makgopa kunoLebo Mothiba weMamelodi Sundowns.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRamoreboli – ongowaseNingizimu Afrika – uke wasebenza noBroos ekuqokeni iqembu leBafana elisuke lizoqala imidlalo, kanti uke wayibamba futhi kwelakuleli eligijima iCosafa Cup.

Uthi empeleni uBroos uyazifela ngoMothiba, kodwa ngenxa yokuthi ukhuhla ibhentshi kwiDowns, kunzima ukumbizela eqenjini lesizwe.

NGULEBO Mothiba ongumgadli weDowns. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

“Uma ubheka, iBafana ithola igoli ngebhola elisuke liphaswe ngomunye umdlali, emabholeni agotshiwe (crosses) noma emnyakazweni osuke uhlanganiswe ngamaphasi amaningi, ngoba yilona isu uBroos agadla ngalo,” kusho uRamoreboli engxoxweni abe naai neSAFJA.

“Omunye wabadlali abamchazayo, nguMothiba ngoba (uBroos) uyakholewa kumgadli owu-9, okulula kozakwabo ukwakhela kuyena iminyakazo yokuqoba izitha. Yingakho ngihlale ngitshela abantu ukuthi impela uMakgopa akajwayele ukushaya amagoli, kodwa iqembu lakhela kuyena uma lidlala. Leyo ngenye yezinto engazifunda kuBroos uma echaza uhlobo lwabadlali abadingayo,” esho.

NGU-EVIDENCE Makgopa wePirates enomqeqeshi weBafana, uBroos. IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kuzokhumbuleka ukuthi emidlalweni yokugcina yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026, iBafana ilinyalelwe nguLyle Foster, yalanda uMakgopa obengekho eqenjini.

Ufike washaya igoli lesithathu ngesikhathi iBafana ibhudluza iRwanda ngo-3-0 eMbombela kowokugcina wokuhlungela indebe yomhlaba, ngenyanga edlule.

NGOMORENA Ramoreboli ongumqeqeshi weBotswana.

UMothiba – oke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala – yize ekhombise ukuba bukhali ngesikhathi ethola ithuba lokudlala kwiDowns ngesikhathi iyingxenye yeFifa Club World Cup nonyaka, nokho isikimu usizwa ngendaba njengoba umqeqeshi weDowns, uMiguel Cardoso emdlisa ama-ayisi noma amjikijele ezihlweleni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...