Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umdonsiswano ngengane ensundu ezalwe yiNdiya

Umdonsiswano ngengane ensundu ezalwe yiNdiya

by | 26 March 2026

ISEYINZUKAZIKEYI eyomndeni wakwaGwala osembangweni wengane yawo yomfana eneminyaka ewu-8, nowesifazane womdabu waseNdiya, okunguyena owayikhulelwa, futhi oyikhulisayo. 

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile nonina wengane (ovumile ukuthi kusetshenziswe igama lakhe), uNkk Nomzekelo Gwala (38), waseThekwini, ochaze ukusuka nokuhlala ngodaba lwakhe nowesifazane womdabu waseNdiya osembangweni wengane yakhe, aseze wamfaka enkantolo ngalo. 

Uthi ubenenkinga yokukhulelwa. Ube esehlela nomyeni wakhe ukuthi bazame ukuthola ingane ngohlelo lokukhulelwa olubizwa nge-Invitro Fertilization (IVF), okuyilapho amaqanda owesifazane ehlanganiswa nesidoda sowesilisa ukuze kwakheke ingane, okwenziwa e-laboratory, bese kubuyiselwa esibelethweni sowesifazane sekuhlanganisiwe. 

Uthi banikela kudokotela eCare Clinic, eWestville, bacela ukuba abenzele lolu hlelo lokukhulelwa ngo-2016. Uthi bese kungokwesibili bethola ingane ngale ndlela. Ngo-2017, uNkk Gwala uthi balwenza lonke uhlelo lwe-IVF, wakwazi ukukhulelwa, wathola ingane yentombazane. 

Ukuqala Kwezinkinga Ngokuvela Kwababengakwazi

“Inkinga iqale ngo-2018 ngifonelwa emtholampilo lapho esenza khona i-IVF, bethi udokotela uthe ucela ngibanikelele ngeqanda lami elasala kubona. Ngavele ngaxakeka ukuthi bakhuluma ngani, ngoba nganginolwazi lokuthi wonke amaqanda abuyiselwa esibelethweni sami ngesikhathi ngenza i-IVF. 

“Ngaxoxa nomyeni wami, saqoka ukuthi sizonikela ngalo ngoba sizitshela ukuthi vele akusilo elethu, kunephutha abalenzile. Sathunyelelwa amafomu ukuthi siwasayine,” kuchaza yena.

Uthi kuhambe isikhathi wathola incwadi evela kudokotela, ethi abantu abanikelela ngeqanda, bafuna ukubonana naye ubuso nobuso. 

“Ngamtshela ukuthi kangikhululekile ukukwenza lokho, wabe esethi mangibhale incwadi eshoyo ukuthi ngeke ngikwazi ukubonana nabo, kangithandi ukwaziwa,” esho.

UNkk Gwala uthi uthole ngomunye owayesebenza kulo mtholampilo, ukuthi ngesikhathi efuneka, kwasekukhona owesifazane weNdiya owenza i-IVF kuwona lo mtholampilo, obopha udokotela ngenxa yokuthi wamnikelela ngeqanda nesidoda somyeni wakhe (uNkk Gwala), ubelethe ingane yomuntu omnyama. 

“Udokotela waqoka ukwenza isivumelwano ngaphandle kwenkantolo nalo wesifazane womdabu waseNdiya, wakhokhelwa ngokuthi wamnika imbewu yabantu abamnyama. Watshelwa amanga ukuthi mina ngithe angiyifuni ingane,” esho. 

Uthi yingaleso sikhathi eqoke ukuqasha umseshi ozimele ukuze athole iqiniso ngalolu daba ngoba wayesenokudideka, efuna  ukuthola ukuthi kwenzekani, bathola nosizo lwabameli. Uthi abameli baqala ngokubeluleka ukuba baqale bahlale phansi nowesifazane womdabu waseNdiya, baluxoxe lolu daba ngaphambi kokuluyisa enkantolo. 

“Ngazama ukuxoxa naye. Esikhundleni sokuthi sixoxe njengabantu abadala, wavele wafaka incwadi yesivimbelo yasenkantolo (protection order). Sahamba sayoyiphikisa enkantolo, saphumelela. Sabe sesifaka incwadi yokuthi kwenziwe ulibofuzo, inkantolo yathi izoqoka umuntu ozoxoxa nezinhlaka zonke (curator), esisamlindile kuze kube yimanje,” esho.

Kuvela ukuthi lona womdabu waseNdiya, wayefuna ukunikelelwa ngesidoda (sperm), kunalokho, wafakwa iqanda nesidoda (embryo) kwabakwaGwala, kwenziwa lokhu bengaziswanga. 

Usizi lokungakwazi ukusondela enganeni

Echaza uNkk Gwala, uthi indodana yakhe akaze ayibone ngame-hlo enyama, ugcina ngokuyibona ezithombeni ngenxa yokuthi lona wesifazane womdabu waseNdiya akafuni ukuthi bahlangane, uthi isineminyaka ewu-8 izelwe. Uthi kunzima ukwazi ukuthi unengane kodwa angakwazi ukuxhumana nayo. 

“Abukho ubulungiswa ngoba angikwazi ukusondela enganeni. Le ngane kufana nokuthi iyiwele nale ekumina yentombazane, zihlukaniswe yisonto elilodwa. Kumele ingane ilazi iqiniso, izazi nokuthi ingeyakwabani isibongo nezithakazelo zayo. 

“Le nto isilimaze kakhulu siwumndeni, sizame isikhathi eside ukuthola abantwana, okuthe lapho sesibathola saphiwa ababili, kodwa udokotela wangalenza iqiniso,” esho.  

Imikhuba yesintu

UNkk Gwala uthi kunezinto ze-sintu ingane okumele yenzelwe zona, njengoba sebenzelwe laba ezalwa nabo. Ubala ukwenzelwa usiko lwesibongo nembeleko, njengokunye okumele kwenziwe. Uthi uma beya kubantu ababonayo, bekuhlale kuvela kumyeni wakhe ukuthi unendodana. 

“Bengize ngimbuze ngithi ayikho yini intombazane ayikhulelisa, mhlawumbe yangamtshela. Kanti bekusuke kushiwo le ngane yethu,” esho. 

Inhlalonhle yengane

Uthi bayakuqonda ukuthi lo we-sifazane womdabu waseNdiya usondelene kakhulu nengane, ngoba uyithwale izinyanga eziwu-9 esibelethweni sakhe. 

“Asifuni ukulimaza ubudlelwano anabo nengane, kodwa sifisa izazi ukuthi ingubani, izalwa ngubani. Sifisa ukuba yingxenye yempilo yendodana yethu, kunzima ukuphila ngaphandle kwayo. Sizolwa kuze kufike ekugcineni,” kuchaza uNkk Gwala. 

Uthi bafisa kube nobulungi-swa, kubekwe eceleni ukwehlukana kwemibono. 

“Sinethemba lokuthi ngelinye ilanga udokotela uyozivuma izono zakhe, ngoba konke lokhu wakwenza ngamabomu.” 

UNkk Gwala uthi waba nenkinga  yokugula (infection)  kulo mtholampilo, ngo-2022 eyozama omunye umntwana. 

“Ngagula ngacishe ngashona ezandleni zikadokotela engimethembile. Nakuba kunjalo, angizisoli ngokwenza i-IVF ngoba ngaba nomntwana engangikade ngimthandazela,” kuphetha yena.  

ENingizimu Afrika ukwenza i-IVF kungakubiza imali esukela ku-R60 000 kuya ku-R100 000, kuhlukana imitholampilo.

Uyaziphendulela udokotela ngalolu daba

UDkt Anil Ramdeo uthunyelelwe imibuzo uthe: “Njengodokotela, nginesibopho sokugcina yonke imininingwane yeziguli iyimfihlo. Ngebhadi, ngeke ngikwazi ukuyiveza, okanye ngiphawule ngaphandle kokuxoxa nesiguli.” 

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...