Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kubhubhe 12 engozini yetekisi neveni kuN2

Kubhubhe 12 engozini yetekisi neveni kuN2

by | 22 December 2024

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asevule idokodo lokubulala ngokungenhloso kulandela isibhicongo sokushayisana mahlanze kweveni netekisi izolo ngoMgqibelo ebusuku, lapho kubhubhe khona abantu abawu-12.

Kule nhlekelele eyenzeke emgwaqweni uN2, eNywarha, ngaphandle kwaseDutywa, kuthiwa itekisi ibithwele abagibeli abayishumi, abawu-8 babo ababhubhele endaweni yesigameko, ababili balimala kanzima. Kuvela ukuthi iveni ibinabantu abane, kubona kwasinda oyedwa ophuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi.

Namuhla ekuseni kuvele imibiko ethi bese kushone omunye wabebelimele, okwenze isibalo senyukela ku-12.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, uMnu Unathi Binqose, uthe lesi sibhicongo senzeka nje, akukapheli ngisho amasonto amabili kwenzeke esinye, cishe endaweni efanayo.

“U-N2 uthathwa njengomgwaqo oyingozi kunayo yonke ezweni, ikakhulukazi phakathi kwaseKhashi,” esho.

Uthe okuxakayo wukuthi uN2 kawunazo izinto eziningi ezingaba yizithiyo kubashayeli (njengama-humps) okungathiwa yizona ezidala izingozi.

“Sinxusa abashayeli ukuthi bacophelele emigwaqweni futhi babekezelelane, ukuze kugwemeke izingozi.”

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...