Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kubhuntshe ukuyonandisa okamaskandi evelelwa yingozi yemoto

Kubhuntshe ukuyonandisa okamaskandi evelelwa yingozi yemoto

by | 21 October 2025

NGUMCULI kamaskandi uLusanda “iBhova Elincane” Khumalo.

AKAKHOLWA wukuthi usinde kanjani umculi kamaskandi engozini yemoto eyenzeke ehamba namagidangoma akhe.

ULusanda “iBhova Elincane” Khumalo, oyindodana kaMgqumeni, “iBhova LikaDikadika” Khumalo (ongasekho), ugingqike nemoto ngoMgqibelo, eMthunzini, eya kwiNdoni Saliwa Maskandi Festival, eDondotha, eMpangeni.

Kule ngozi eyenzeke ngo-23h00 ebusuku, kuthiwa imoto iphenduke yabheka phezulu ngamasondo. Kubikwa ukuthi bebebathathu phakathi, okuthe emuva kwengozi, baphuthunyiswa esibhedlela eNgwelezane.

Ngokusho kukaLusanda engxoxweni yakhe neLANGA, uthi ubezama ukudlula iloli, imoto abehamba ngayo yadonswa ngamanzi.

“Kuthe uma ngizama ukudlula iloli, kanti kunomgodi onamanzi engene kuwona imoto. Ngithe uma ngiyilawula, yafuna ukuphonseka elolini ngohlangothi, okuyilapho-ke ingalawulekanga khona, yaphenduka yabheka phezulu,” kusho uLusanda.

Uthi namanje ubonga umusa kaNkulunkulu ngoba bekunzima. Uveze ukuthi imoto iphenduke yaphonseka emzileni wezimoto ebeziphambana naye, kodwa ngenhlanhla, kayikho imoto ebiqhamuka kulowo layini.

“Cishe safa sonke, kodwa-ke esibhedlela basilekelelile,” esho.

Uthi ngenxa yokulimala kwabo, bangeniswa esibhedlela, kabafinyelelanga eDondotha, eMpangeni.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...