Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kubhuntshe ukuyonandisa okamaskandi evelelwa yingozi yemoto

Kubhuntshe ukuyonandisa okamaskandi evelelwa yingozi yemoto

by | 21 October 2025

NGUMCULI kamaskandi uLusanda “iBhova Elincane” Khumalo.

AKAKHOLWA wukuthi usinde kanjani umculi kamaskandi engozini yemoto eyenzeke ehamba namagidangoma akhe.

ULusanda “iBhova Elincane” Khumalo, oyindodana kaMgqumeni, “iBhova LikaDikadika” Khumalo (ongasekho), ugingqike nemoto ngoMgqibelo, eMthunzini, eya kwiNdoni Saliwa Maskandi Festival, eDondotha, eMpangeni.

Kule ngozi eyenzeke ngo-23h00 ebusuku, kuthiwa imoto iphenduke yabheka phezulu ngamasondo. Kubikwa ukuthi bebebathathu phakathi, okuthe emuva kwengozi, baphuthunyiswa esibhedlela eNgwelezane.

Ngokusho kukaLusanda engxoxweni yakhe neLANGA, uthi ubezama ukudlula iloli, imoto abehamba ngayo yadonswa ngamanzi.

“Kuthe uma ngizama ukudlula iloli, kanti kunomgodi onamanzi engene kuwona imoto. Ngithe uma ngiyilawula, yafuna ukuphonseka elolini ngohlangothi, okuyilapho-ke ingalawulekanga khona, yaphenduka yabheka phezulu,” kusho uLusanda.

Uthi namanje ubonga umusa kaNkulunkulu ngoba bekunzima. Uveze ukuthi imoto iphenduke yaphonseka emzileni wezimoto ebeziphambana naye, kodwa ngenhlanhla, kayikho imoto ebiqhamuka kulowo layini.

“Cishe safa sonke, kodwa-ke esibhedlela basilekelelile,” esho.

Uthi ngenxa yokulimala kwabo, bangeniswa esibhedlela, kabafinyelelanga eDondotha, eMpangeni.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...