Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kubhuntshe umcimbi waminyaka yonke iDurban Jazz Festival

Kubhuntshe umcimbi waminyaka yonke iDurban Jazz Festival

by | 25 December 2024

KUBHUNTSHE umcimbi waminyaka yonke, iDurban Jazz Festival. Lo mcimbi bekumele ubanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusasa ngomhla ka-26 kwephezulu.

Abahleli balo mcimbi bamemezele ukuthi lo mcimbi ngeke usaqhubeka njengoba uhlehlisiwe. Kuthiwa labo abese bewathengile amathikithi mabawagcine njengoba esazosebenza ngosuku lo mcimbi olusazomenyezelwa.

Kuthiwa abangasazimisele ngokuhambela lo mcimbi bangawabuyisela, babuyiselwe imali yabo abawathenge ngayo.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabahleli balo mcimbi, bayaxolisa ngalokhu njengoba kuyinto eqalayo ukwenzeka selokhu waqala ukwenziwa.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...