Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMzukulu usike iphethini kwamanye amaciko ngedili lomculo

UMzukulu usike iphethini kwamanye amaciko ngedili lomculo

by | 22 April 2026

UPHASHANYISWE ngamaciko olunye uhlobo lomculo ngeLive Concert yakhe, umculi kamaskandi uSfanele “Mzukulu” Zulu. Lo mculi ubenze umcimbi izinsuku ezimbili ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, eThe Playhouse, eThekwini.

UMzukulu uthi ukusondelana noSjava, kumenze wafunda okuningi njengoba eyiciko (uSjava) elenza imicimbi yalo kule ndawo, licule bukhoma. Uthi komaskandi akujwayelekile ukuthi iciko lizimele, lenze umcimbi ongalo ngqo, okuvamisile wukuthi amaciko enze amafestivali, abize amaciko amaningi.

“Bekungelula ukuqunga isibindi kodwa ngenxa yamandla alo msebenzi (albhamu), ngibonile ukuthi kuzokwenzeka ngempumelelo konke. Sengineminyaka ngicula, kodwa ukuhamba kahle kwale albhamu ethi, ‘Ngifuna Intozami’ yikhona okungenza ukuba ngiwenze lo msebenzi ukubonga impumelelo yayo phambi kwabantu okuyibona abayeseke kakhulu,” kusho uMzukulu.

Le albhamu inezingoma eziwu-17, zine kuphela ezingenawo ama-million ( izinombolo zabayi- lalelile) kuyona. Ezimbili kuzona zinama-million angaphezulu kuka-10 ingoma ngayinye. UMzukulu uthe lezi zibalo zikhombisa ukuthi baningi kakhulu abantu efinyelele kubona i-albhamu yakhe.

“Yingakho kufanele ukuba umjikelezo wami ngiwuhambise nakwezinye izindawo, kungabi wukuthi uphelela KwaZulu-Natal kuphela.Ngiyabonga kakhulu ukuthi abathandi bomculo, bakhombise uthando ngoba namathikithi asheshile ukuphela,” kusho uMzukulu.

UMzukulu uthi lo mcimbi ubuzokuba wusuku olulodwa, kodwa kuthe ezinsukwini ezimbili kuqalile ukudayiswa kwamathikithi, aphela. Uthi lokhu kuphoqe ukuba aqhamuke neqhinga lokuthi iPlayhouse ivulwe izinsuku ezimbili.

“Kungithuse kakhulu okwenzekile, bengingacabangi ukuthi kungenzeka. Bengingaziboni ngiyiciko elingaba nesibindi,” esho.

I-Playhouse Theatre imumatha abantu abawu-1 225. Izinga lokuhleleka komcimbi beliphezulu kakhulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...